KUSUKELA kwesokunxele wuMduduzi Nombela, Xolani 'XD Black' Dlamini noBhekani Shabalala abalingisa phambili emdlalweni weshashalazi othi Bigly Yuge, ozokhonjswa ePlayhouse, eThekwini ngesonto elizayo
Image: SITHUNYELWE
UKHUZA ibuya eThekwini nakulo nyaka umdlalo weshashalazi othi Bigly Yuge, onhloso yawo wukuqwashisa nokukhuza isihlava esibi sokucwaswa kwabantu abanomzimba owondlekile, okuvame ukuthi babekwe izici futhi babizwe ngamagama angemahle ngenxa yendlela ababukeka ngayo.
Lokho kuqinisekiswe ngomunye wabalingisi abaqavile balo mdlalo uMduduzi Nombela, eqinisekisa ukuthi konke kuhamba kadle ngawo njengoba kulindelekele ukuthi ukhonjiswe ngoLwesihlanu nangoMgqibelo ozayo ePlayhouse, eThekwini.
NgoLwesihlanu lo mdlalo uzokhonjiswa kabili ngo-10 ekuseni nango-6:30 kusihlwa, bese kuthi ngoMgqibelo ukhonjiswe ngo-6:30 kusihlwa - kanti amathikithi okuwubuka aseqalile ukutholakala ngoR150 isigaba ngesinye eWebtickets nasePick n' Pay.
UMDUDUZI Nombela, omunye wabalingisi abaqavile bomdlalo weshashalazi othi Bigly Yuge ozokhonjiswa ePlayhouse, eThekwini ngesonto elizayo
Image: SITHUNYELWE
Elandisa ngalo mdlalo, oqondiswe wumakadebona kwezokulingisa uTony Kgoroge, uMduduzi uthe uxoxa indaba yabalingisi abondlekile emzimbeni, kubalwa naye uqobo, ababhekene nenselelo yokucwaswa emphakathini ngoba nakhu bondlekile noma bekhuluphele.
"Sihlose ukuzogqamisa ukuthi ukucwasa ngenxa yendlela obukeka noma odaleke ngayo kumphazamisa kanjani lowo okwenziwa lokho kuyena, nanokuthi sifuna ukugqamisa ukuthi abantu abondlekile ayikho into abangeke bakwazi ukuyenza ngoba nakhu bebakhulu, ukuzama ukuqeda izinkoleloze ezingelona iqiniso ngabo emphakathini," kusho uMduduzi.
Uthe bajabule ngokuthi lo mdlalo wabo nakuba ungenabo abaxhasi bokuthi uthuthuke futhi ukhonjiswe ezindaweni eziningi ezweni, kepha abantu balokhu bewuthakasela kusukela beqala ukuwenza ngo-2019, okubakhuthaza ukuthi baqhubeke nawo nakulo nyaka.
"Okunye okumnandi ngawo wukuthi nakuba ukhuluma ngento ezothinta abantu abaningi futhi enomyalezo omqoka, kepha futhi siwuxube namahlaya okwenza ukuthi uthokozeleke kalula kwabazobe bewubuka," usho kanje.
Ngale kukaMduduzi owaduma kwiMbewu The Seed, abanye abalingisi abazogqama kwi-Bigly Yuge ngoBhekani Shablala wodumo lakwiSibongile and The Dlaminis, uXolani 'XD Black' Dlamini okumane ulingisa kwiHomecoming, Bongani Mbatha naye owaziwa emidlalweni eminingi yeshashalazi nomlingisi osemusha nongaconsi phansi kwiTikTok uMinenhle Sikhosana. U-stage manager womdlalo nguZama Mngadi, bese kuthi umdlalo wonke udidiyelwe yiMandlethu Media & Services kaPhila Mahaye.