USWEET Guluva olokhu eqhubeka nokudlondlobala kwezokungcebeleka
Image: Instagram
SELIYAQALA ukufezeka iphupho lokulingisa kowanqoba iBig Brother Mzansi, u-Akhonamathemba "Sweet Guluva" Zwane, njengoba esejoyine umdlalo weBET Africa (DStv channel 129) ozoqala maphakathi nenyanga.
USweet Guluva wazakhela udumo enqoba uR2 million kwiBig Brother Mzansi, kulandela umkhankaso owawuqhutshwa kuzo zonke izinkundla zokuxhumana.
Ekhuluma nomethuli weBig Brother Mzansi uSmash Africa emuva kohlelo, wakuveza ukuthi ukulingisa ngenye yezinto afuna ukuzenza.
"Ngifuna ukulingisa, ngifuna ukwenza ama-piano futhi ngifuna ukwenza i-gqom. Vele ngangiwumrepha ngisemncane," kusho uSweet Guluva.
Muva nje upikwe wuDJ Zinhle engomeni eqanjwe ngaye.
Njengamanje le nsizwa yaseNquthu sekuvele ukuthi ikwabazobonakala emdlalwei iBlack Gold, ozoqala ngo-6.30 ntambama ngo-Agasti 18.
AbeBET bakuqinisekisile ukungena kwakhe emdlalweni kodwa banganda kakhulu.
Isolezwe lisanda kubika ngalo mdlalo okuzolingisa phambili kuwo uNomalanga Shozi.
Uzodlala indawo ephambili ka-Amanda Zungu, oyintokazi engajiki entweni ekholelwa kuyo yize iphoxwa abantu abasondelene nayo.
Lokhu kwenzeka ngemuva kokuthi eshonelwe wuyise, owamshiyela konke ayenakho kodwa usingamama uFlorence Zungu (Dawn Thandeka King), akuthathe konke.
UNomalanga uthe uma u-Amanda eshonelwa nguyise izinto azimhambeli kahle ngenxa yokuthi uyena osolwa ngokufa kwakhe.
“Umdlalo uhamba ekutheni le ntokazi isifuna ukubuyisa amandla ebinawo emabhizinisini omndeni, umlando nomhlaba wakubo. Ababukeli abangakubheka wukuthi uzokwazi yini ukubuyisa konke athathelwe kona, anqobe nowesifazane olwa naye ukuze aphinde avikele ifa alishiyelwe wuyise,” kuchaza yena.
Abanye abalingisi ngoSello Maake KaNcube, Zamani Mbatha, Warren Masemola, Ernest Ndlovu, umethuli wezinhlelo uSiphesihle Vazi noThulani Mtsweni.
Related Topics: