UMinnie Dlamini ubhoboka ngomthelela wenkulumo kaMacG ngaye

Fanelesibonge Bengu|Published

UMETHULI wezinhlelo zethelevishini uMinnie Dlamini

Image: Instagram

UMETHULI wezinhlelo zethelevishini uMinnie Dlamini usephumele obala ngokuhlukumezeka kwakhe ngenkulumo eyasusa umsindo eyenziwa wuMacG ongumethuli wohlelo lwakwiYouTube iPodcadcast and Chill with MacG.

Ohlelweni lwakhe ezinyangeni ezintathu ezedllule uMacG wayekhuluma ngoMinnie emncoma ngokuthi muhle wabuza ukuthi kungani ehluleka wukugcina abantu besilisa.

Babekhuluma emuva kwesitatimende esakhishwa owayeyisoka likaMinnie, uBrian Monaisa, owathi sebehlukene.

UMacG  wajobelela ngokuthi mhlawumbe kukhona okungahambi kahle ngoMinnie.

Le nkulumo ayehlanga kahle kwabaningi nokwaphoqa ukuthi uMacG axolise ohlelweni lwakhe.

UMinnie wathi uzomthathela izinyathelo zomthetho.

Ekhuluma esiqeshini sakamuva seThe Motherhood Network, okuyi-podcast kaNandi Madida, uMinnie uthe ube nesikhathi esinzima futhi wazizwa ehlukumezekile.

“Ubaba kwakumele alalele lokho. Umama kwakumele alalele lokho. Umfowethu kwakumele alalele lokho. Ingane yami izokhula iye esikoleni futhi izofunda lokho,” kusho uMinnie.

Uthe le nto yaqala ngenkulumo eyenziwa ngomlingisi u-Amanda Du Pont ohlelweni lwakhe.

“Ngiyakhumbula ngikhuluma no-Amanda futhi wayekhihla isililo,” kusho uMinnie.

Eminyakeni edlule ohlelweni lukaMacG kwamenywa uJub Jub owaphawula ngokulala no-Amanda. U-Amanda wamsola ngokuthi wamdlwengula futhi wamhlukumeza waze wamvulela necala.

UMinnie uthe wagxeka uMacG esidlangalaleni.

“Angishongo lutho ngaye njengomuntu kodwa ngathi izinkulumo ezenziwa zazinganambithiseki, zehlisa isithunzi futhi akekho umuntu wesifazane okumele kukhulunywe ngaye ngaleyo ndlela,” kusho uMinnie.

Uthe wazidonsela amanzi ngomsele ngoba wahlukunyezwa iminyaka emithathu nohhafu ngoba wakhetha ukukhuluma ngomunye umuntu wesifazane osembonini efana neyakhe okwakushiwo izinto ezingamabithiseki ngaye.

“Ngasuka ekubeni wumuntu ozimele, ophumelele nosebenzayo ngaba yikho konke, kwaba nezinkulumo ezenziwa umuntu oyedwa ukuthi ngilale nabantu ukuze ngidlondlobale. Konke enginakho yingoba ngiwumahosha ngidayisa ngomzimba ukuze ngithole imali. Kuze kwaba uba nesibindi sokukhuluma ngesitho sami sangasese enkundleni yomphakathi.”

Uthe lokhu kwakungalungile.