Uyayishubisa uMinnie Dlamini indaba 'yenhlamba' kaMacG

Nonkululeko Nhlapo|Published

UMINNIE Dlamini uphefumule okokuqala ngodaba oluthinta inkulumo kaMacG

Image: X

UMINNIE Dlamini ulinde uMacgyver “MacG” Mukwevho axolise ngaphambi kokuba aphefumule ngodaba osekuphele amasonto ambalwa lusematheni.

Umethuli wohlelo iPodcast and Chill with MacG, uMacG usezehlisile waxolisa kuMinnie Dlamini ngenkulumo eyasusa umsindo ayisho ngaye.

Umsindo usuke esiqeshini sasemasontweni edlule lapho uMacG encome khona uMinnie ngokuthi muhle wabe esebuza ukuthi kungani ehluleka wukugcina umuntu wesilisa.

UMacG  wajobelela ngokuthi mhlawumbe kukhona okungahambi kahle ngaye. “Mhlawumbe inanazi yakhe iyanuka.” 

Esiqeshini sangoMsombuluko ntambama uqale ngokubonga abantu abamesekayo kula masonto edlule wathi baningi abathandazela ukuthi awe. Ube eselandela ngokuxolisa kubo bonke abesifazane abangababukeli bohlelo lwakhe nabo bonke abaseNingizimu Afrika abangaphathekanga kahle ngokuphawula kwakhe.

“Kwakungeyona inhloso. Uyazi asisho izinto ngoba sifuna ukugxibha abantu. Ngithanda nokumema uMinnie Dlamini. Ngifuna ukumumema ohlelweni, wamukelekile ukuza ohlelweni. Le nto iqale ohlelweni, asiyiphethe khona. Kunezinto azisho nami kunengazisho. Asiyivale ingunaphakade,” kusho uMacG.

UMinnie ukhiphe isitatimende ezwakalisa ukushaqeka nobuhlungu abhekene nabo ngenxa yenkulumo kaMacG.

"Ngifuna kucace ukuthi angikaze ngiphawule noma ngikhulume kabi ngalo mlisa. Engakwenza kwakuwukuvikela isithunzi nobuqotho bomunye wesifazane emazwini amabi,ahlambalazayo."

UMinnie uthe abePodcast and Chill with MacG baxolisile kuyena ngokuxhumana nabameli babo. "Kuxoliswa umonakalo sewudalekile futhi ususengcupheni yokulahlekelwa yisithunzi. Ukuxolisa akusona isenzo esiphusile sokumela iqiniso."

 

Isitatimende SikaMinnie Dlamini ngesixoliso sikaMacG

Image: X

Uthi uzoqhubeka nokuthathela lo methuli izinyathelo zomthetho, hhayi njengomuntu odumile kuphela, kodwa njengomama, akumele azimele yena yedwa kodwa kumele amele nabobonke abantu besifazane isithunzi sabo esidicileleka phansi ngenxa yezinkundla zokuxhumana.

Enye ingxenye yesitatimende sikaMinnie Dlamini.

Image: X