IQEMBU lomculo iThe Soul lizoba nomjikelezo eThekwini ekuqaleni kwenyanga ezayo
Image: Sithunyelwe
IQEMBU le-acappella, iThe Soil, liyachichima yinjabulo ngendlela eyenza kahle ngayo i-albhamu elibuye ngayo emculweni ngemuva kweminyaka lagcina ukukhipha.
Leli qembu libuye nge-albhamu ethi iReimagined ngoFebhuwari nyakenye, ngemuva kweminyaka eyisikhombisa. Libuye nelungu elisha uTheo Matshoba, ovala isikhala sikaBuhle Mda owathi ufuna ukuzimela. UTheo ujoyine uPhindo Ngxanga, noNtsika Ngxanga.
"Njengoba i-albhamu iqeda unyaka indlela eyenze ngayo ibe ngaphezu kwebesiyilindele ngoba besihlabe ikhefu leminyaka eyisikhombisa. Akekho umuntu othi ebuya ngesonto lokuqala athole ama-stream angu-2 million. Leyo nto yasenza sabona ukuthi abantu kade basilinde," kusho uNtsika.
Uthe okunye okubajabulisile ukunqoba indondo yeBest Engineered Album kumaSouth African Music Awards nyakenye.
"Sibuye sishintshile kufika uTheo, ethatha indawo kaBuhle owahamba. UTheo wanqoba indondo yokuqala esanda kufika emculweni ngakho besimjabulela. Namanje usachichima yinjabulo ngalokhu."
Leli qembu lisanda kutomula enye yezingoma zalo ezikwi-albhamu i-Amen ukuthi kube yiyo elifolosa ngayo. UNtsika uthe benze lokhu ngoba abantu abayidlala kakhulu nokuyingakho bekhethe ukuyiphusha, ikakhulu ngoba sekusondele iPhasika.
"Noma siyicula abantu bayakhala abafuni nokuthi iphele. Sisanda kuya ePolokwane, lapho esiyicule khona imizuzu engu-15 yonke. Abantu bayithanda ngoba ifaka nomthandazo, imema uMdali. Ibathinta ezindaweni abafuna ukuphola kuzo, iyababhandisa."
Kumanje iThe Soil inomjikelezo ohambela amadolobha ehlukene futhi kulindeleke ukuthi ube eThekwini, ngo-Ephreli 4 - 5.
"Umjikelezo wethu siwubiza ngeThe Soil Reimagined Weekend sihambisana neDoek on Fleek kaThandi Mavata. NgoLwesihlanu lwango-Ephreli 4 sizoba eBeanbag Jazz Lounge. Lapho sizobe sidla isidlo sasebusuku esihlukene kathathu abantu bakwazi ukusibuza noma yini abayifunayo. Bazobe bethola nangomqondo wezingoma siphinde sibazwise nomculo wethu omusha ozayo. Ithikithi lalapho libiza u-R1 000 ngoba likufaka nokwangakusasa."
Uthe ngo-Ephreli 5 bazobe beseDurban Amphitheatre eNorth Beach, lapho bezoba ne-picnic.
"Lapho kuzoba kuyiThe Soul and Friends ngoba sizobe singahambi sodwa. Siqeda ukuqinisekisa nje abaculi esizoba nabo kodwa ngeke ngibasho okwamanje kuze kube basayina izinkontileka. Amathikithi akhona abiza u-R150 aseyatholakala eWebtickets naseComputicket."