Akhuza ibuya amaRoyalty Soapie Awards angenziwanga nonyaka

Fanelesibonge Bengu|Published

UWINNIE Ntshaba ohlela amaRoyalty Soapie Awards

Image: Instagram

ABAHLELI bemiklomelo yabalingisi amaRoyalty Soapie Awards bachaza ngesinqumo sokungayenzi kulo nyaka njengoba sebeqale amalungiselelo ango-2026.

Le miklomelo yasungulwa nguWinnie Ntshaba ongumlingisi ozakhele udumo kwiGenerations: The Legacy neminye imidlalo.

Kulo nyaka bekumele kube ngokwesishiyagalombili ekhona kodwa agcina angenzekanga.

Okhulumela abagqugquzeli, uSimphiwe Majola, uthe u-2025 bekungowokucabangisisa nokuhlela kabusha izinto.

“Esikhundleni sokujaha ukwenza into engeke ibe sezingeni lethu, sithathe isinqumo sokuhlaba ikhefu silungise bese siqinisa isisekelo. Okubalulekile kithi ukwenza imiklomelo ekhombisa izinga eliphezulu, ethembekile futhi enomthelela omuhle, hhayi ukugcina icala,” kusho uSimphiwe.

Uthe izinto zijikile kubona bonke abahleli bemicimbi kusuka kwabemiklomelo yabaculi kuya kumafestivali ngenxa yokugqoza kwaxhasi.

“Nathi asikho ngaphandle kwaleyo ngcindezi kodwa siqhamuka namaqhinga amasha esikhundleni sokwenza izinto ngokutatazela. Sibuyekeza izinto ezimqoka futhi sethula ubudlelwano obuhambisana nokuthi imboni iyaphi. Kuzoba nezinguquko esihlose ngazo ukunyusa izinga nokuqinisekisa ukuthi umcimbi awupheli,” kuchaza uSimphiwe.

Uthe izinguquko bazozimemezela ngokuhamba kwesikhathi.

Njengamanje sekuvuliwe ukungenela futhi kuyoze kuvalwe ngoJanuwari 23. Imiklomelo ihlelelwe ukuthi ibe seGoli, ngoMashi 2026.

Abavumeleke ukungenela ngabanemidlalo ekhonjiswe phakathi kukaJanuwari 1 noDisemba 31, 2025.

Isiyonke iminxa iwu-28 futhi kulokhu kuzokwethulwa nomusha we-Outstanding Pan-African Show.

Kuzoklonyeliswa imidlalo yasemazweni ase-Afrika ngaphandle kweNingizimu Afrika.