USmash Afrika ubuya njengomethuli weBig Brother Mzansi

Fanelesibonge Bengu|Published

U-SMASH Afrika uzobuya njengomethuli weBig Brother Mzansi

Image: Sigciniwe

UZOBUYA unyaka wesibili kulandelana njengomethuli weBig Brother Mzansi, uSmash Afrika njengoba amalungiselelo esizini entsha esedlulela kwesinye isigaba.

USmash, ogama lakhe lokuzalwa ngu-Afrika Mdutyulwa, uqale ukwethula lolu hlelo ngesizini yesihlanu yanonyaka ewinwe nguSweet Guluva.

Lo methuli wezinhlelo - oke wasakaza kwiYFM ne-5FM waphinde wasebenza nasezinhlelweni zakuMzansi Magic neChannel O - uthathe izintambo kuLawrence Maleka.

Ekuqaleni kuka-Okthoba, kuvulwe ithuba lokuthi abafuna ukuba yingxenye yesizini yesithupha yeBig Brother bafake imingenelo.

Sekudalulwe ukuthi bangaphezulu kuka-13 500 abazama inhlanhla. Ngesikhathi abeMzansi Magic bedalula lokhu, yilapho kuvezwe khona ukuthi uSmash Afrika nguyena ozobe eshayela uhlelo.

Abebevumeleke ukungenela ngabaneminyaka engu-21 kuya phezulu futhi kumele kube ngabaseNingizimu Afrika.

Ngale kweminyaka, kuvunyelwe wonke umuntu nabaphila nokukhubazeka.

AbeMzansi Magic bathe kusuka manje sekuzokwenziwa inhlolokhono yabangenele ngokuthi bafonelwe nge-video. Abaphasa lapho bazobe sebemenywa komunye umzuliswano wenhlolokhono bukhoma eGoli.

Kukho konke lokhu, ayikho imali ekhokhwayo kodwa abangenele kuzomele bazihlelele bona ukuya nokubuya lapho kuzobe kubanjwe khona inhlolokhono.

Isizini entsha kulindeleke ukuthi iqale kwithelevishini ngonyaka ozayo, lapho kuzobe kubangwa khona isamba semali.

Kuvezwe ukuthi izoba phakathi kuka-R1 million no-R2 million imali ezowinwa. Abasohlelweni kabakhokhelwa ngokuba kulo.

USweet Guluva waseNquthu, yena wahlabana ngesheke lika-R2 million ngokuwina nonyaka.