U-DJ Zinhle nomyeni wakhe uMurdah Bongz
Image: Sigciniwe
U-DJ Zinhle nomyeni wakhe uMurdah Bongz sebegcine "bephendulile" ngezinsolo ezilokhu zenziwa ekhasini lomgosi likaMusa Khawula kwi-X.
Ezinsukwini ezedlule kuleli khasi bekulokhu kunamekwa izinsolo ezahlukene ngalezi zithandani.
Kusolwa uMurdah Bongz ngokuthi uyisoka ekhonjwa kowesifazane okuthiwa uneminyaka engu-22.
Kuthiwa lona wesifazane uhlala eMidrand futhi uke wasebenza endaweni yobumnandi iCofi.
Lokhu kususe okukhulu ukukhuluma uZinhle noMurdah bagcine bephendule ngendlela efanayo.
Ngempelasonto laba bafake i-video ebukeka sengathi yenziwe ngobuchwepheshe besimanje. Kuyona uMusa ubukeka ngathi ucula ingoma kaZinhle ethi Sorry ephume ekuqaleni konyaka. Uyenze ngokubambisana noSkillz.
Ibihambisana nombhalo othi: “Ngiyakwemukela ukuxolisa kwakho.”
NoMurdah Bongz ufake i-video efanayo kanjalo nombhalo ofanayo.
UZinhle uvele wahleka kukhona ophawula ngokuthi izimfamona zizocabanga ukuthi i-video yenziwe nge-Artificial Intelligence.
Uphendule uThando Mazibuko ngokuthi angamane azikhangisele ingoma yakhe ngobuso bukaMusa.
Ngo-Agasti iCity Press yabika ukuthi isimo sempilo sikaMusa asisihle kahle ejele ePotchefstroom lapho eboshelwe khona icala elenzeka ngo-2021 okuthiwa washayisa umuntu ngemoto maqede wabaleka endaweni yesigameko.
Related Topics: