USABELO Radebe, omunye wabalingisi abagqamile emdlalweni othi Homecoming, okhonjiswa kuMzansi Wethu
Image: SITHUNYELWE
OMUNYE wabalingisi abagqamile emdlalweni wakuMzasi Wethu othi Homecoming, okhonjiswa ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu ngo-6.30 ntambama, usedalule ukuthi ubuqiniso nobunjalo besimo esibhekana namadoda asikhombisa ngendawo ayilingisa kuwona senza ajabulele ukubeka obala ubunjalo bezimo ezibhekana nabesilisa.
Lowo nguSabelo Radebe, olingisa indawo kaNgarage Hlongwane kulo mdlalo okhiqizwe yiTshedza Pictures, okuthe usanda kuqala kwagqama izinselelo abhekana nazo zokuthi azame ukuziphilisa kepha impilo yakhe ingachumi ngendlela afisa ngayo, okuze kudale ukuthi azizwe ecindezelekile ikakhulu njengoba kwenzeka angahlonipheki.
"Ngilijabulele kakhulu leli thuba ngoba liveza ubunjalo bezimo ezenzekayo empilweni ukuthi udlale ngamathuba ekukhuleni kwakho. Lokho kwenza ukuthi ezinye izinto zingahambi kahle empilweni ngoba ungawatholi amathuba amaningi namahle njengabanye abantu ngenxa yokuthi awufundile futhi awunalutho olutheni lokuphila," usho kanje.
OMUNYE wabalingisi abagqamile emdlalweni wakuMzasi Wethu othi Homecoming, okhonjiswa ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu ngo-6:30 kusihlwa, usedalule ukuthi ubuqiniso nobunjalo besimo esibhekana namadoda asikhombisa ngendawo ayilingisa kuwona senza ajabulele ukubeka obala ubunjalo bezimo ezibhekana nabesilisa
Image: SITHUNYELWE
"Ngale kwalokho, ngiyibona kuyindawo ezoba nezimfundiso ezinhle nezimqoka futhi ezizokwenza ukuthi abantu besilisa bafunde ukubekezela ezimeni ezinzima ababhekana nazo empilweni, bese futhi ibakhuthaza ukuthi bangavumeli izimo ezingezinhle zesikhashana ziphazamise zithiye okuhle abazifisela khona empilweni yabo. Yindawo ezofundisa kakhulu ukuthi empilweni akuhlale kumnandi, ngakho jwayela ukubekezela," kusho uSabelo.
Lo mlingisi, ogqame kule ndima esalingisa kwiSmoke and Mirrors, udalule ukuthi ngale kokugxila ekulingiseni okwamanje, uyaqhubeka ucosha futhi aqokelele ulwazi oluzomsiza eminyakeni ezayo uma esenquma ukukhiqiza imidlalo yethelevishini ethi yena.
USabelo udabuka eWhite City, eSoweto. Uneziqu zomkhakha wokulingisa aziphothula eTshwane University of Technology ngo-2013. Useke walingisa efilimini ethi Lit nasemidlalweni yethelevishini esingabala kuyona iGomora, 7de Laan, Lingashoni neDream World.