Uzibe icala lika-R12 million uJub Jub ejabulela ukubuya kwe-Uyajola 9/9

Fanelesibonge Bengu|Published

UMETHULI wohlelo Uyajola 9/9 uJub Jub umemezele ukuthi luyabuya kwithelevishini ngenyanga ezayo

Image: X

UMOLEMO "Jub Jub" Maarohanye uyishaya indiva eyokufunwa isizumbulu sika-R12 million ngowesifazane othi washuthwa kungavunyelenwe ohlelweni lwakhe oluthi Uyajola 9/9.

Kunokuba aphawule ngemali yamademeshe, uJub Jub umemezele ukuthi uhlelo lwakhe lukhuza ibuya ekuqaleni kwenyanga ezayo.

Uhlelo lukaJub Jub, oludlala kwiMoja Love, luphenya bese luveza abantu abagangela abathandana nabo.

Ngempelasonto, iCity Press ibike ukuthi uJub Jub uboshwa wuSheron Tose okuthiwa wabanjwa embhedeni nowesilisa oshadelwe.

Isiqephu sadlala ngo-Okthoba 22, nyakenye.

UTose uthe kusuka lapho wahlukumezeka kakhulu ngokomqondo nokuyingakho efake amaphepha okufuna isinxephezelo eNkantolo eNkulu yaseGoli, ngo-Okthoba 6, efuna uJub Jub neMoja Love ukuthi baphendule.

Uthe unkosikazi wowayeyisoka lakhe, uBrendon Maharaj, wangena ngenkani egunjini labo noJub Jub base beyaqala besho amagama ayiziswana kuye.

Uthe uJub Jub wangena nabashuthayo ababili nonogada abamqopha noMaharaj benqunu embhedeni isikhathi esingangehora. Ngaleso sikhathi babemvimba ukuthi aphume.

Uqhube wathi wazama ukugqoka kodwa onogada bamvimba.

"Ngazama ukufihla umzimba wami onqunu ngezingumo namashidi ombhede ngigobile ngibheke odongeni, ngasebenzisa izandla ukufihla amabele futhi ngiyekele izinwele ukuze zehle zingifihle ubuso," kusho uTose emaphepheni asenkantolo.

Uthe uJub Jub wabeka isandla sakhe ehlombe enqunu futhi wamsusa nezinwele ebusweni ayezama ukubufihla.

UJub Jub umemezele nge-video ayifake kwi-Instagram ukuthi uhlelo lwakhe luyabuya.

"I-tv isiyabhora angithi, iyabhora ngamaSonto? Kulungile ukuthi ngisho ukuthi siyabuya," kusho yena ebukeka ejabule. Uthe uhlelo luzobuya ngoNovemba 2, ngo-9 ebusuku. Akazange athi vu ngemibiko yokuboshwa kwabo.