U-ENHLE Mbali Mlotshwa usejoyine umdlalo iBlack Gold yakwiBET Africa
Image: Instagram
UTHOLE umsebenzi omusha umlingisi, u-Enhle Mbali Mlotshwa, osanda kuhlukanisa ngokusemthethweni nobengumyeni wakhe uBlack Coffee.
U-Enhle ongumlingisi, usezobonakala emdlalweni weBET Africa, iBlack Gold.
Lezi zindaba uzimemezele ekhasini lakhe le-Instagram ukuthi uzodlala indawo ka-Azania Lwandle.
“Ngithanda ukunethulela u-Azania Lwandle. Ungunogada ohamba phambili ebhizinisini lonogada. Ngibukeni kwiBlack Gold,” kubhala u-Enhle.
Izindaba zakhe ziqinisekiswa wumthombo weSolezwe osebenza kuwona lo mdlalo othe akakaqali ukuvela.
Uthe uzobonakala esikhathini esingangenyanga.
Baningi abamhalalisele okubalwa kubo uVusiwe Ngcobo nabanye.
UNandi Madida uthe muhle futhi unethalente kusuka ngezikhathi zakhele elingisa kwiTshisa.
UNkanyiso Bhengu uthe uyajabula ngokusebenza naye futhi uthanda umoya wakhe.
UNomalanga Shozi odlala indawo ephambili ka-Amandla Zungu, uthe uzoshubisa izinto.
Umdlalo ukhuluma ngo-Amandla okuphazamiseka impilo yakhe uma kubulawa uyise futhi usinganina wakhe ubheca yena ngobugebengu.
Ujoyina lo mdlalo nje, emasontweni amabili edlule u-Enhle uveze ukuthi usehlukanisile noBlack Coffee.
Abameli bakhe beJerry Nkeli Attorneys and Associates babhale ekhasini labo le-Instagram ukuthi uMbali uthole abekufuna. Umshado wesintu uthathwe njengosemthethweni nokuthi uhlanganisa amafa.
Bathe uBlack Coffee uyalelwe ukuthi akhokhele umkakhe isondlo, bathi inkantolo iyichithile inkontileka yomshado eyasayinwa ngo-2017, ithi uMbali wedukiswa futhi akelulekwanga ngokwezomthetho.
I-City Press, engababizanga ngamagama, ithe umyeni uyalelwe ukuba akhokhele obengumkakhe u-R67 167 ngenyanga futhi kuzohlukaniswa amafa.
Umlingisi utshele inkantolo ukuthi akasebenzi futhi uyafunda ngakho imali yanele ukuthi aphile impilo abeyiphila engakahlukanisi.
Inkantolo inqume ukuba uDJ aphume emzini wabo ashiye obengumkakhe nezingane futhi akhokhe u-R25 000 ngenyanga ingane ngayinye kwezimbili abanazo.
Ezinsukwini ezedlule, uBlack Coffee ubhale ku-X ukuthi uyazi ukuthi abantu bakholwa yiyo yonke into abayifundayo futhi kulungile.
“Njengoyise nginesicelo esisodwa, ngicela niyeke ukufaka izingane zami ezinkundleni zokuxhumana,” usho kanje.
Related Topics: