Amazwibela ama-soapie

Fanelesibonge Bengu|Published

Winnie Ntshaba

Image: Instagram

HOUSE OF ZWIDE

Ngo-7 ebusuku, kwi-e.tv

U-FAITH (Winnie Ntshaba) uya kuGogo Siya kodwa esikhundleni sokuthi amnqande kwakwenzayo, ufuna ukumnika imali ukuze aqhubeke nokubona uNkosi. UGogo Siya uyayamukela imali futhi ekuseni uFaith uqamba amanga ku-Ona ngokuthi uGogo Siya udumile eTembisa. UNkosi uyathatheka uGogo Siya futhi ukhetha ukuhlaba ikhefu ukuze ahambe naye. UMapula ushaqisa umndeni wakhe ngokunqaba usizo lwezempilo ngoba ethembe imikhuleko yomphrofethi u-Ezekiel. UBra Vusi uyashaqeka uma uMsizi emnikeza umsebenzi esitolo esisha samaphathi ezimoto. UMsizi utshela uBra Vusi ukuthi isitolo sakhe esisha samaphathi esokufihla amaphathi ebiwe aphakelwa eMozambique. UMapula ogulela ukufa unqaba ukulashwa, uthembele kumphrofethi u-Ezekiel othi ukugula kwakhe ukuvivinywa kokholo lwakhe.

INIMBA

Ngo-9 ebusuku, kuMzansi Magic

UKUTHULA kukaLazarus kuhlukumeza uZoleka. USydney wakha itulo elingase liphazamise uKhusela. UZoleka wehlulelwa uNgcukana. Isexwayiso sikaMaGama sinyakazisa umndeni. ULazarus uthatha igxathu elishaqisa wonke umuntu. USydney uyenqaba ukukhohlakala njengoba ukuzethemba kwakhe kushayeka. UZoleka uzwa sengathi amahlathi ayaphela njengoba izinsolo zidlondlobala. USydney ulungiselela ukuziphindelela kuKhusela.

ITHONGA

Ngo-8.30 ebusuku, kuMzansi Magic

UMBALI ufihla okwakudala. USanele usiza umfowabo futhi ukubeka kucace ukuthi okokugcina. Njengoba kuqonga ukwesaba eZulwini, uPablo uphakamisa ukubavikela ngemali. Ingabe uNokwanda uzothula ngesikahthi uMaKhumalo engena ezindabeni zomshado wakhe? UNokwanda ufuna izimpendulo kodwa ingabe ulilindele iqiniso? AbakwaMagwaza bathola umyalezo kuPablo. UMbongeni uphoqeleka ukuphinde aphonse ithawula ephusheni lakhe. AbakwaDladla bayazibuza ukuthi izingane zabo ingabe ziphanjanelwe amakhanda yini futhi?

Simphiwe Majozi

Image: Facebook

UZALO

Ngo-8.30 ebusuku, kwiSABC1

UNKUNZI ulungiselela impi neNsizwa. UFikile ukhumbuza uSbu (Simphiwe Majozi) okwakudala okungase kube yisisekelo esibalulekile sekusasa. I’nsizwa zilungiselela impi engakwazi ukuyibalekela. UMadlala uyacasuka uma uMaDongwe ebeka okwakhe phambili ukudlula umsebenzi. Ukuvakasha kukaNokuthula kwaMhlongo kujika izinto kwiNsizwa. Emuva kokukhuluma noMaDongwe, uLilly usala nemicabango. IShlobos izama ukuhlambalaza uNkk Ngema. UGeja uhlukunyezwa ukuzwa ngokujikelwa uNokuthula. USbu ucelwa ukuthi agunde izinwele.

Lebohang Msiza

Image: Instagram

SCANDAL!

Ngo-7.30 ebusuku, kwi-e.tv

ABAZALI baxwayiswa ngesimo esiyingozi. U-Ockert ugcizelela ukuthi umsulwa uma ephekwa ngemibuzo. Ukufika kwentombazane encane kushiya umshana ephelelwe amazwi. UThoriso uphakamisa ukubuyela entweni endala ukusiza ukulungisa ubudlelwano obunoqhekeko. UPatricia unomyalezo wokugcina kuTalitha. UTiro (Lebohang Msiza) uzama konke ukuthola akufunayo. UNtuthuko usala ebumnyameni ecasukile kodwa iqiniso limshaqisa nasozwaneni. UTalitha uphoqekela ukuthi akhethe phakathi kwendodana yakhe noma yena uqobo.

GENERATIONS: THE LEGACY

Ngo-8 ebusuku, kwiSABC1

UKHUMO uthola incwadi esolisayo angafuni ukuyinaka. UMpho ucasulwa indlela wonke umuntu asejikele ngayo uPele. UNokwazi uyaqhubeka ukudliwa unembeza kodwa bonke abangani bakhe bamgqugquzela ukuthi atshele uNtando iqiniso ngoyise wakhe. U-Ayanda uveza imfihlo kaNontle. UFikile unomona ngoLucy. UNontle uthi akafuni ukuba sebudlelwaneni kodwa izenzo zakhe ziyamphikisa. Luyafika usuku lomngcwabo kodwa isidumbu asikho. UKhumo uzwiswa ubuhlungu.