UVUYO Biyela womunye wabalingisi abazogqama kwifilimu esihloko sithi Inguquko
Image: SITHUNYELWE
UBUBI bokufela ngaphakathi kwabesilisa ngoba besaba ukuphumela obala ngezinto ezibahluphayo nezibahlukumezayo nomthelela walokho emphakathini yizona zifundo ezizogqanyiswa yifilimu ethi Inguquko, ezoqala ukukhonjiswa ema-cinema kule nyanga.
Lokho kushiwo wuVuyo Biyela, omunye wabalingisi abaqavile bale filimu edidiyelwe yi-IQS Mel Production, nezokhonjiswa okokuqala ngokusemthethweni eGaleria Mall, eManzimtoti ngo-Okthoba 25 ngo-8 ebusuku, lapho okuyobe kungenwa khona ngamathikithi abiza uR130 umuntu ngamunye eWebtickets.
UVuyo, waseMlaza, eningizimu yeTheku wodumo lakwiSibongile and The Dlaminis, uthe le filimu izovula amehlo abantu abaningi njengoba izohluba udlubu ekhasini ngobunjalo bezimo ezibhekana nabantu besilisa uma besebancane, nokuthi lokho kuyithikameza kangakani impilo yabo yansuku zonke uma sebekhulile.
UNWABISA Mbambo womunye wabalingisi abazogqama kwifilimu esihloko sithi Inguquko
Image: SITHUNYELWE
"Izogqamisa ukuthi ukufela ngaphakathi, ungakhulumi ngento ekuhluphayo emoyeni noma emphefumulweni wakho kunomthelela omubi kangakanani kuwena uqobo nasebantwini osondele nabo. Izoveza futhi nokuthi ukusebenzisa izidakamizwa ngokweqile kwenza futhi kudala umonakalo omngakanani entsheni nasemphakathini ekhula kuwona," usho kanje.
Kanti ukuphuma kwale filimu kuqondane nesikhathi lapho ezweni kuqhubeka umkhankaso waminyaka yonke we-Mental Health Awareness Month, onhloso yawo wukuqwashisa nokufundisa abantu ngezifo ezahlukene eziyamene nokusebenza komqondo.
Udalule nokuthi okunye okuhle okuzovela ngale filimu, okubathathe izinsuku ezine ukuthi bayiqophe baqede, wubuhle beTheku namaphethelo njengoba beyiqophele ezindaweni ezahlukene zakhona lana eThekwini ngenhloso yokuzikhangisa nokuzisabalalisa ebantwini.
"Kanti enye into futhi esisizile ukwenza lo msebenzi wukuthi ingxenye yozakwethu abakuyona ngabantu abazanayo nje, abanye babo abakufundela ndawonye ukulingisa, okusisize ukuthi umsebenzi wethu ungabi likhunu kangako ngenkathi siwenza," kusho uVuyo oseke walingisa nakwi-The River nakuShaka iLembe.
Inguquko ibhalwe wuSemukelo Ziqubu, yaphrojuswa wuSinenhlanhla Mtshali yase iqondiswa wuMel Mthembu. Abanye abalingisi abazogqama kuyona woSihle Chiliza, uSiphamandla Bovana, uBrian Khumalo, uSibonelo Ngwazi, uNwabisa Mbambo noNqobile Masondo.