Kwenzeke abekufisa ngefilimi engokuhlukunyezwa kwabesifazane emendweni

Simangaliso Ntshangase|Published

UMLINGISI uJo-Anne Reyneke kwabagqame efilimini entsha ethi Shut Up! Men Are Talking

Image: FACEBOOK

UMBHALI nomqondisi wemidlalo yethelevishini futhi oke walingisa emidlalweni embalwa yethelevishini, uChris Q Radebe, usedalule ukuthi inhlokomo nesasasa abantu bebabaza ubuhle nobumqoka bomyalezo wefilimu yakhe entsha, iyona nto abevele ehlose futhi efisa ukuthi yenzeke ngale filimu esihloko sithi Shut Up! Men Are Talking, edlala kwiYouTube.

UChris usho njalo exoxa neSolezwe ngale filimu esiyoqeda amasonto amabili iphumile, futhi eyenza abantu bengawuvali umlomo bencoma umyalezo otholakala kuyona, kwanda nabaphikisana ngendikimba yokwenzeka kuyona. Indikimba yayo ingowesifazane ohlukumezekayo emendweni emva kokushona komyeni wakhe. Uphoqwa ukuthi angenwe ngumfowabo womyeni omncane angamthandi, nongenampatho kuye nomntwana wakhe.

Uthe bese kuyisikhathi eside enomcabango wokwenza umdlalo wethelevishini noma ifilimu yendikimba enjena.,uthe kwathi ekubo eHighflats ngamaholidi kaDisemba odlule, wabuya lo mcabango owake wamfikela wokubhala le ndaba.

UMLINGISI uWiseman Mncube kwabagqame efilimini entsha ethi Shut Up! Men Are Talking

Image: FACEBOOK

"Bengifuna ukuveza ukuthi namanje abantu besifazane basahlukumezeka futhi baphatheke kabi kangakanani emendweni yabo ikakhulu uma abayeni babo bengasekho emhlabeni. Okunye wukuthi ukukhula sazi ukuthi izinto zenziwa ngendlela ethize kuphela kwenza ukuthi kube nzima ukuguqula indlela esicabanga nesenza izinto ngayo, ngisho noma sesibona ukuthi lokho kubahlukumeza noma kubaphazamise kangakanani abanye abantu," usho kanje.

Eqhuba, uthe okunye okumkhuthaze ukuxoxa le ndaba wukuthi ukhulele endaweni yasemakhaya lapho obekwenziwa khona izinto ngale ndlela axoxa ngayo le ndaba. uthe okunye kwakho wayengakuqondi ukuthi kwenziwelani ngaleso sikhathi esemncane waze wavuleka amehlo ngakho esekhulile futhi esekwazi ukucabanga izinto ngendlela yakhe.

Ukuthandwa kwale filimu kufakazelwe yisibalo sabantu abayibukayo kwiYouTube njengoba kuthe eyifaka ubenalandeli abangaphezudlwana kuka-20 000, banda eseyifakile njengoba manje esenama-subscriber angaphezulu kuka-110 000, kanti futhi yona ifilimu uqobo isibukwe ngabantu abangaphezulu kuka-900 000 inezinsuku eziwu-11 iphumile.

UMLINGISI uDuduzile Ngcobo kwababoshelwe efilimini entsha ethi Shut Up! Men Are Talking

Image: FACEBOOK

"Ngenze ngamabomu ukuthi ngiyifake kwiYouTube ngoba bengibona ukuthi uma ngisazolandela imithetho nemigomo yeziteshi zethelevishini kungenzeka ukuthi kuthathe isikhathi eside andukuba ikhonjiswe, noma ngigcine ngiphoqeleka ukushintsha izinto ezithile kuyona ukuze ihambisane nemigomo yendlela abenza ngayo izinto," kulanda uChris Q.

Udalule ukuthi le filimu uyiqophele eGoli, kwenye yezindawo avame ukuqophela imidlalo yakhe yethelevishini kuzona. Uthe kuthathe cishe izinsuku eziyisishiyagalombili kuphela ukuyiqopha baqede okukhombisa ukuzibophezela kwamaciko asebenze nawo.

Abalingisi abagqamile kule filimu ngoJo-Anne Reyneke wodumo lakwiRhythm City neThe Estate, Duduzile Ngcobo ogqame kwiDurban Gen, Wiseman Mncube wodumo kuZalo neShaka iLembe, Sibonile Ngubane ogqame kuMkhokha noThulani Mtsweni wodumo kwiGomora.

UChris Q akamusha kwezethelevishini njengoba aziwa nangokukhiqiza eminye imidlalo esingabala kuyona Isifiso, Icala ne-One Weeks - kanti futhi useke walingisa emidlalweni esingabala kuyona Isibaya nothi Ifalakhe.