Ibophele izilomo ifilimu entsha yakuleli iHigh Infidelity

Fanelesibonge Bengu|Published

U-AYANDA Borotho ulingisa indawo ephambili efilimini iHigh Infidelity ephuma kuNetflix ngesonto elizayo

Image: Instagram

IBOPHELE izintandokazi zabalingisi ifilimu entsha yakuleli iHigh Infidelity ezophuma kwiNetflix ngo-Okthoba 10.

Le filimi ikhiqizwe yi-Azania Productions eke yenza amanye okubalwa kuwo iBlessers edidiyelwe wuTbo Touch, Looking for Love, Six in the City neSoccer Season.

I-High Infedility ikhuluma ngoLarissa othola ukuthi umyeni wakhe uyamgangela nozakwabo.

UNQOBILE Nunu K.H wodumo lomdlalo iRed Ink uzolingisa kwiHigh Infidelity

Image: Instagram

“Wenza okungajwayelekile, uxolela umyeni bese ebambisana naye ekuqumbeni phansi uzakwabo ozama ukucekela phansi umshado wabo. Kodwa yonke into ayinjengoba ibukeka,” kusho umbhalo ochaza ngefilimu.

Iqondiswe futhi yabhalwa u-Adze Ugah osesebenze emidlalweni eminingi okubalwa kuyo iShaka iLembe, Genesis, House of Zwide, Nqobile, Isibaya, Red Ink neminye.

Emafilimini asebenze kuwo kubalwa i-All About Love, Mrs Right Guy, 10 Days in Sun City namanye.

KwiHigh Infidelity indawo ephambili kaLarissa idlalwa u-Ayanda Borotho. Abanye abalingisi ngoBuyile Mdladla, Nqobile Nunu K.H, Nkosana Samane noJet Novuka.