Ijabule yabuya nganeno ingwazi iphuka iqakala esteji

Fanelesibonge Bengu|Published

INGWAZI kamaskandi, uPhuzekhemisi, iqokwe kumaSouth African Music Awards

Image: Sigciniwe

INKAKHA kamaskandi uZibokwakhe "Phuzekhemisi" Mnyandu ijabule yabuya nganeno ngokuqokwa kwayo kumaSouth African Music Awards (Sama) anonyaka, ishibilika iphuka iqakala inandisa emcimbini obuseMgungundlovu, ngempelasonto.

UPhuzekhemisi uqokwe emunxeni weBest Maskandi Album nge-albhamu yakhe esihloko sithi Ipolitiki.

Uqhathwe noKhuzani, Ntencane, Umafikizolo neMithente. Abanqobile bazomenyezwa ngoNovemba, ngosuku olungakaqinisekiswa.

"Ngivele ngalimala nginandisa emcimbini ngaphuka unyawo. Ngishibilike esiteji ngoba bekushunqa intuthu yakhona," kusho uPhuzekhemisi

"Ngiyaqala ngqa ukufaka ukhonkolo empilweni yami."

Uthe noma elimele uzoqhubeka nokunandisa emcimbini aqashwa kuyo ngoba isiyivela kancane. Uthe abahleli bemicimbi baqasha kakhulu abaculi abasebasha.

Uthe kumjabulisile ukuqokwa kumaSama.

"Ngizwa isibusiso ngoba le albhamu ngiyenze sengibona ukuthi sekugugekile nokwesekwa akusemnandi. Impela kuthulekile kuthe du. Uma ngithola umcimbi ngithola koRustenburg nakoBotswana, imali iphelela emgwaqweni. Abahleli banaka igenge entsha engontanga yabo. Imicimbi ayisemningi impela sinenkinga sonke noMagubane (Mfiliseni)," kuchaza uPhuzekhemisi.

I-albhamu aqokwe ngayo enengoma ethi Ipolitiki, yachithwa ukudlala emsakazweni Ukhozi FM ngoba kukhalwa ngezinhlamvu zayo. Isolezwe labika ukuthi wayalelwa ukuthi asuse amagama ayiziswana awasho ngabantu abamhlophe.

Ingoma ithi: "Lukhulu oluzayo, luyeza ma-Afrika. Kwakungenani uma sife sabhubha thina. Kuleli zwe lakithi saze sabuthwala ubunzima. Abantu bakithi abawutholi umsebenzi. Bayehla bayenyuka ayikho imisebenzi. Kodwa sokwenzenjani? izwe lakithi liyanyakaza ipolitiki. Sidlala abamhlophe besinyakazisa yipolitiki."

Uthe usezikhiphile lezi zinhlamvu futhi uyizwile idlalwa emsakazweni.