UNANDI Nyembe ongasekho emhlabeni
Image: X
UZOKHUNJULWA namhlanje ngoLwesine, lapho aqala khona ukusebenza eThe Market Theatre, eGoli, umakadebona womlingisi, uNandi Nyembe, oshone ngoMgqibelo, emuva kokugula isikhathi eside.
UNandi (75) ubeseneminyaka engaphezu kuka-50 eyibambile emkhakheni wezokulingisa.
Ngokwezinhlelo ezimenyezeliwe, namuhla kuzoba nenkonzo yesikhumbuzo sakhe ezoba seThe Market Theatre. Izoqala ngo-11 ekuseni kuze kube ngu-3 ntambama.
Ngokomlando okwi-website wenkampani ebiphethe izindaba zakhe kwezokulingisa iMLA, uqale ukusebenza eMarket Theatre ngo-1979, kodwa hhayi njengomlingisi. Kunalokho ubesebenza endaweni yokucima ukoma kodwa abaqondisi ababevakashele khona balibona ikhono kuye.
Emuva kwalokho, udlale emidlalweni eminingi yeshashalazi emenze wahambela naphesheya kwezilwandle, ngaphambi kokungena kwithelevishini nasemafilimini.
Kuvela ukuthi inkonzo yomngcwabo yona ezoqala ngo-7 ekuseni, indawo ezobanjelwa kuyo ayikaqinisekiswa.
Kusuka kuvele izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni, baningi abantu abalokhu bedlulisa amazwi enduduzo.
Abalingisi basebenzise ukushona kwakhe njengethuba lokuphinde badlulise izikhalazo zabo ngezinkinga abanazo emsebenzini abawenzayo.
Ngasekuqaleni konyaka, uNandi waphumela obala ngobunzima bempilo, wathi akufunayo wumsebenzi hhayi ukudatshukelwa.
Umlingisi, uThoko Ntshinga, uveze ukuthi kukhona imithetho okumele iphasiswe ukuze amaciko angashoni eswele.
Uthe bafuna uMengameli Cyril Ramaphosa asayine imithetho egunyaza ukuthi babe nesikhwama esibabekela imali, ukuholelwa imali ebafanele ngomsebenzi abawenzayo nokunye okuthinta amaciko.
Related Topics: