URAMI Chuene noLerato Mvelase abebephethe uhlelo enkonzweni yesikhumbuzo sikaNandi Nyembe eGoli, izolo
Image: Sithathwe kwi-video kuYoutube
UMLINGISI, uLerato Mvelase, obephethe uhlelo enkonzweni yesikhumbuzo somlingisi ongasekho, uNandi Nyembe, ebiseGoli, izolo, uthe ukuya phambili ngeke besawumema uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko ukuzobungaza nawo.
ULerato ukhulume kanje emuva kwenkulumo kaSibusiso Tsanyana, obekhulumela umnyango, othe uNgqongqoshe walo mnyango, uGayton McKenzie, uzokwenza isimemezelo ngezinhlelo abanazo ezizokwenza isiqiniseko sokuthi amaciko ayanakekelwa.
Yile nkulumo enenge uLerato, obephethe uhlelo noRami Chuene, wathi yize kungeyona inkundla yepolitiki kodwa kunento afuna ukuyisho.
INDODANA kaNandi Nyembe, uBongo Nyembe, (kwesokunxele) nomzukulu wakhe, uJabulani Nyembe, (kwesokudla) bekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo
Image: Sithathwe kwi-video kuYoutube
UMLINGISI, uLerato Mvelase, obephethe uhlelo enkonzweni yesikhumbuzo somlingisi ongasekho, uNandi Nyembe, ebiseGoli, izolo
Image: Itumeleng English/ Independent Newspapers
“Ngicela wazise ungqongqoshe ukuthi ukuya phambili ngeke sisawuvumela umnyango uze uzobungaza nathi. Asilwi nomnyango kodwa silwa nezinhlelo ezicekela phansi amaciko,” kusho uLerato.
Uthe kuyoze kube nini bezwa izinkulumo ezizodwa. Uthe bafuna imigomo ezobavikela njengabalingisi.
“Okushoyo kufana nomlolozelo. Ngingakuthembisa ukuthi uNandi lapho ekhona inhliziyo yakhe ayijabule. Angijabule, asijabule. Ngifuna ukugqugquzela abalingisi, abalingisi abasebasha nabafuna ukulingisa ukuthi babe nelinye iqhinga,” kusho yena.
Indodana kaNandi, uBongo Nyembe, ithe ifuna ukulungisa inkulumo eshiwo ezinkundleni zokuxhumana ngokuthi uMcKenzie akazange eweseke umndeni. Uthe ababona abantu abathanda ukufaka ezinkundleni zokuxhumana kodwa umnyango ubesekile.
UNandi (75) obeneminyaka engaphezu kwengu-50 elingisa, ushone ngempelasonto eyedlule, emuva kokugula.
Umsunguli wemidlalo yethelevishini, u-Angus Gibson, uthe kuyo yonke imidlalo ayenzile wayecabanga ukuthi engamfaka kanjani uNandi.
Phakathi kwemidlalo athe wamfaka kuyo kubalwa iYizo Yizo neZone 14.
“KwiSithembiso kwakubalulekile kimi ukuthi ngibe nabantu abazokhulisa abanye futhi kwakubalulekile ukuba noNandi. Sasinabalingisi abancane futhi uNandi wayezinikela ngemiGqibelo asebenze nabalingisi abasha ebafundisa ngodumo oluza nethelevishini kanjalo namakhono okulingisa. Wayenikela.”
Ubambe izinyembezi echaza ukuthi wayemfuna nakwiShaka Ilembe kodwa indawo ayezoyilingisa yagcina ingavelanga ngisho nakwisizini yesibili.
“Ngiyaxolisa ukuthi akazange asijoyine kulolo hambo,” kusho u-Angus.
Izikhulumi zimchaze njengomuntu obehlale emamatheka ngaso sonke isikhathi.
Umakhelwane wakhe eMndeni, eSoweto, uNomvula Mkhatshwa, uthe ubungeke umthole ecasukile. Uthe wayethanda ukudansa nokushaya ikhwela.
Inkonzo yomngcwabo izoba sehholo eWalter Sisulu eRandburg, ngo-8 ekuseni kusasa. Uzofihlwa emathuneni aseWestpark.
Related Topics: