Ubenamava eminyaka kwezokulingisa uNandi

Fanelesibonge Bengu|Published

Nandi Nyembe

Image: MLA

UNANDI Nyembe okuvele izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni ngoMgqibelo ebusuku, ubengumakadebona kwezokulingisa njengoba ebeneminyaka engaphezu kuka-50 kulo mkhakha.

UNandi (75) wangena ekulingiseni ngo-1971 edlala emdlalweni weshashalazi owawubhalwe uSol Rachilo.

Ngokomlando okwi-website yenkampani ebiphethe izindaba zakhe kwezokulingisa iMLA, uqale ukusebenza eMarket Theatre ngo-1979, kodwa hhayi njengomlingisi. Kunalokho ubesebenza endaweni yokucima ukoma kodwa abaqondisi ababevakashele khona balibona ikhono kuye.

Nandi Nyembe

Image: MLA

Imidlalo yeshashalazi imenze wahambela amazwe omhlaba okubalwa kuwo iFrance, Germany, United States of America nase-United Kingdom elingisa emdlalweni iSophiatown ngo-1980.

Eminye imidlalo alingise kuyo kubalwa iCurl UP and Dye ne-Afrika My Child eMarket Theatre. Ulingise nakwiHorn of Sorrow eyayikhuluma ngobhejane.

Kwithelevishini lapho abaningi abamazela khona, uqale ngo-1980 emdlalweni i-If The Be Treason neBra Solly’s Kitchen.

Nandi Nyembe

Image: MLA

Usebenze kakhulu nenkampani iBomb Shelter emidlalweni yayo eminingi. Kubalwa iYizo Yizo, Zone 14, Isibaya neSithembiso. Eminye imidlalo abe kuyo yiGazlam, The Queen, Isono, The River ne-Adulting.

Udlale nakwiHow to Ruin Christmas kwiNetflix.

Nasemafilimini akasalanga ngaphandle njengoba edlale kwi-A Reasonable Man, Saturday Night at the Palace, Yesterday, Place of Weeping neCourting Anathi.

Nandi Nyembe

Image: MLA