Kuzwele kwabaningi ukudlula kukaNandi Nyembe

Fanelesibonge Bengu|Published

UMLINGISI uNandi Nyembe ongasekho emhlabeni

Image: X

KUSHAYE abaningi ukudlula emhlabeni kukamakadebona womlingisi, uNandi Nyembe, okugcine kumenele ngoMgqibelo emuva kokugula isikhathi.

UNandi (75) uzakhele igama emidlalweni eminingi yethelevishini ake alingisa kuyo.

Ukudlula kwakhe kuqinisekiswe wumndeni noMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke, ngesitatimende ngoMgqibelo ebusuku.

Uchazwe njengomuntu ogqugquzele abalingisi abasebancane emakhaya nasemalokishini ukuthi bangavinywa yizimo zabo ukuphupha.

“Izinhliziyo zethu zibuhlungu njengoba siveza ngokulahlekelwa kwethu wumama ebesimthanda nogogo uNandi Nyembe. Emhlabeni ubewumlingisi obenethalente kodwa kithi ubeyikho konke. Uthando lwakhe, uhleko namandla akhe kuzohlala nathi njalo. Siyabonga ngothando, imithandazo nokwesekwa ngalesi sikahthi,” kusho umzukulu wakhe uJabulani Nyembe esitatimendeni.

Umndeni uthe izinhlelo zomngcwabo uzozimemezela ezinkundleni zokuxhumana uma seziqinisekisiwe.

Inkampani ebiyengamele umsebenzi wakhe wezokulingisa, iMLA Talent Management, ithe kubuhlungu ukuvalelisa kuye.

"Ubengaphezu kokuba wumlingisi, ubeyinsika yomndeni weMLA, uthisha, umuntu okhulisa abeza ngemuva kwakhe nomngani,” kusho iMLA.

Abanye abadlulise amazwi enduduzo kubalwa ozakwabo kwezokulingisa, osopolitiki nabalandeli bomsebenzi wakhe.

Bonke bebebabaza amava akhe kwezokulingisa.

Ngo-Ephreli, ube sematheni ephumela obala ngobunzima bempilo ngenxa yokungasebenzi.

"Ngibonile oNgxoli (Brenda) bakwazile ukuthola imali ebantwini ngoba babe nesibindi sokukhuluma ngesimo sabo. Mina anginasimo. Ngidinga ukusebenza. Uma ngihleli lapha (ekhomba isihlalo esinamasondo ahleli kuso) akukhona ukuthi umqondo wami awusebenzi. Nginikeze umbhalo womdlalo manje ngizokukhombisa ukuthi lo mqondo uyaphila. Amadolo kuphela kodwa lapha ngizokukhombisa ukuthi umuntu usebenza kanjani," washo kanje.