UNOTHANDO Ngcobo olingisa indawo kaHlelo kuZalo kuSABC 1
Image: Sithunyele
UMLINGISI woZalo uNothando Ngcobo, uthi yize ewuthanda umkhakha wokulingisa kodwa kubalulekile nokuhlaba ikhefu.
UNothando ulingisa indawo kaHlelo kulo mdlalo okhonjiswa kuSABC 1 ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto.
Selokhu agcina ukuvela ngoDisemba nyakenye kodwa uveze ukuthi uyabuya kuleli sonto.
Ngokwamazwibela omdlalo, ngoLwesihlanu uSbu (Simphiwe Majozi) ulokhu ecabanga ngocingo lukaHlelo.
UHlelo waboshwa kulandela ukunukubeza izingane ezincane. Waboshelwa icala lokunukubeza uSibongiseni (Siphokuhle Luthuli), waphinde waqamba amanga kuye ngokuthi uzithwele ukuze amqole imali. Nasejele wayentshontsha.
UNothando, odabuka eHammarsdale, utshele Isolezwe ukuthi ubesahlabe ikhefu ekulingiseni engenzi lutho olutheni.
"Kumnandi ukulingisa kodwa kufuna sengathi ungathatha ikhefu ngoba ungagcina usuziphathisa okomlingiswa uma usemdlalweni owuchungechunge. Akukhona ukuthi bengingabizwa nakwizinhlolokhono kodwa angithandi ukuba wusaziwayo. Ngifuna ukudlala ezindaweni ezinezindaba engifuna ukuzixoxa. UHlelo ngiyamthanda ngoba ukwazi ukwenza noma yini futhi ababhali bakwazi ukubhala noma yini ngaye," kusho uNothando.
Uthe ubenza imisebenzi yenhlangano yakhe engenzi nzuzo iNothando Ark Foundation. Ngaphezu kwalokhu uthe unebhizinisi elincane lokudayisa imikhiqizo yokunakekela isikhumba.
Uqhube wathi ujabule ngokubuya kwithelevishini wathi ababukeli abalindele umdlalo omnandi. Uthe uHlelo wenza izinto ezingalindelekile, nakulokhu kuzoba njalo. Uphethe ngokufisela abesifazane okuhle ngenyanga yabo.
"Njengabesifazane kumele singanqotshwa yizinkinga zomhlaba kodwa siphokophele phambili," kuphetha yena.
Related Topics: