Owe-Homecoming utusa uyise ngokwenza ehluke ekulingiseni

Simangaliso Ntshangase|Published

UMPILO Mbatha, olingisa indawo kaShobane Mnisi emdlalweni wakwiMzansi Wethu othi Homecoming

Image: SITHUNYELWE

OMUNYE wabalingisi abaqavile bomdlalo omusha okhonjiswa kwiMzansi Wethu phakathi nezinsuku othi iHomecoming, uMpilo Mbatha usetuse insizwa emzalayo ngokutshala imbewu yokunotha kolimi kuyena, athi ngenye yezinto ezimsebenzela ukwehluka kozakwabo emkhakheni wabo wokulingisa.

UMpilo (23), ongowokuzalwa Olundi, kepha wakhulela eMnambithi, usho njalo engxoxweni neSolezwe Ngempelasonto mayelana nendawo kaShobane Mnisi ayilingisa kulo mdlalo okhiqizwe yiTshedza Pictures, okhonjiswa ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu ngo-6:30 kusihlwa.

Okuqaphelekayo ngaye kulo mdlalo, osunamasonto amabili uqalile, emva kokuvala isikhala seSibongile and The Dlaminis, wukuthi njalo uma ekhuluma ikakhulu nentombi yakhe uZethu Hlongwane (olingiswa wuSix Manyane), wukuthi ulimi lwakhe luyashelela futhi ukhuluma isiZulu siqonde ngqo, okuqhakambisa ukucikoza ngolimi lukaMageba.

"Le nto yolimi isukela kudala njengoba ubaba ongizalayo ewumuntu othanda kakhulu ukuthi ulimi lwesiZulu lukhulunywe ngendlela efanele neqondile, ngakho wuyena muntu owafaka le nto kimi ngenkani, ngaze ngagcina sengiyithanda kangangokuthi nami sengihlale ngizihlupha ngokufunda ngamanye amagama esiZulu nezincazelo zawo ukwenza kube lula ukukusebenzisa emsebenzini wami ngendlela ezogculisa umbukeli," kusho uMpilo.

UMPILO Mbatha, olingisa indawo kaShobane Mnisi emdlalweni wakwiMzansi Wethu othi Homecoming

Image: SITHUNYELWE

Eqhuba, uthe okunye okumsebenzelayo wukuthi lelo nalelo thuba alitholayo lokulingisa emdlalweni othile, uqinisekisa ukuthi ulibamba ngezandla zombili, aliphathe sengathi ngelokuqala nelokugcina ngoba eqonda ukuthi baningi abanye abebenganikwa lona.

"Lokho ngikwenziswa nawukuthi njengoba lo mkhakha ngingawuqeqeshelwanga nje nginenkolelo yokuthi lelo nalelo thuba engilitholayo lisuke liyinhlanhla engiyiphiwa ngabantu bakithi abaphilayo nabangasekho, okudinga ukuthi ngizimisele ukuze kuhlale kuza futhi kwenzeka okuhle njalo kimi njengoba kuqhubeka kwenzeka nje namanje," usho kanje.

Lo mlingisi, okumanje usematheni ngendawo kaMzilikazi ayilingisa emdlalweni uShaka iLembe, udalule nokuthi nakuba eneziqu zobuthishela zase-University of Witwatersrand agabe ngazo eceleni, kepha okwamanje usagxile ekutheni akhulise igama lakhe endimeni.

"Ngiwumuntu ongakholelwa ekutheni uthi wenza into ethile, kepha umqondo wakho ungacabangi ukuthi uzokwenzanjani uma kwenzeka ingasebenzi noma ingasahlangani. Ngikholelwa ekutheni qinisa futhi ugxile kulokho okwenzayo ngaleso sikhathi, ungazikhathazi ngezinye izinto eziningi. Yingakho nami ngisagxile ekukhuliseni igama lami kulo mkhakha engiwuzwa ngaphakathi, yize ukungena kwami kwenzeka ngendlela engingayilindele, njengoba ngize ngifika lapho engikhona manje nje - indaba yami yaqala mhla ngiphelezele umngani wami owayeyokwenza inhlolokhono khona kwiShaka iLembe, kanti ngizovele ngithande konke engakubona kwenzeka khona, ngaqala lapho nami ngazihlupha ngezokulingisa, njengoba sekuqala ukuthela izithelo ezinhle nezibonakalayo manje," kusho yena.

Ngale kokuvela kwiShaka iLembe nakwiHomecoming, uMpilo uke walingisa kwi-The River ngo-2022, nasemdlalweni wakwiShowmax othi Empini, lapho egqame khona elingisa indawo ephambili kaKhaya.