UKHOMBISILE Phetla, omunye wabalingisi abaqavile bomdlalo wakwiMzansi Wethu iHomeComing
Image: SITHUNYELWE
UQOLOTHAKAMANGO kwezokulingisa futhi ongomunye wabalingisi abashubisa isimo emdlalweni omusha kuMzansi Wethu othi Homecoming, uKhombisile Phetla usedalule ukuthi ukuzihlupha ngeminye imisebenzi eyahlukene kule ndima ngenye yezinto ezenza ukuthi angaphuphi, futhi ahlale evutha bhe kuleyo naleyo ndawo athola ithuba lokuyilingisa.
UKhombisile, onamava eminyaka engaphezu kuka-30 kule ndima yezokulingisa, ulingisa indawo kaMatron Khathazile Mnisi, okungenye yezimqoka kulo mdlalo okhiqizwe yiTshedza Pictures, okhonjiswa ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu ngo-6:30 kusihlwa.
Engxoxweni neSolezwe, udalule ukuthi enye yezinto ezimsebenzelayo nezisiza ukuthi njalo uma ethola ithuba lokulingisa ashaye into ecokeme, wukuthi akagxili kakhulu ekwenzeni into eyodwa, njengoba isikhathi esiningi evame ukuba matasa nemisebenzi yasemsakazweni okubalwa kuyona ukulingisa emidlalweni yomoya nokuba yiphimbo lezimemezelo noma izikhangiso ezizwakala emsakazweni Ukhozi FM, phecelezi i-voice over artist.
UKHOMBISILE Phetla, omunye wabalingisi abaqavile bomdlalo wakwiMzansi Wethu iHomecoming
Image: SITHUNYELWE
“Ngesikhathi ngisafika kule ndima eminyakeni ewu-30 edlule, ngasheshe ngabona ukuthi lona wumkhakha ohlupha ngokuthi uma kusathulekile uzoba nenkinga yokungazi ukuthi uzophila kanjani, okwenza ukuthi emva kweminyaka emithathu ngiqalile kuwona, ngashiya iminyaka ewu-25 ngayosebenzela i-SABC lapho engifike khona ngenza le misebenzi esengiyibalile. Lokhu kwenza ukuthi uma kuvela ithuba kwithelevishini ngibuye ngamandla. Uyabona njengoba sengikwiHomecoming manje, bengigcine ukuvela kwithelevishini ngilingisa kwiScandal! ngo-2023. Nyakenye ngaba matasa ngeminye imisebenzi ebandakanya ukuba wumhumushi emidlalweni eyahlukene yethelevishini edumile,” kulandisa uKhombisile.
Ekhuluma ngendawo kaMatron Nkabinde ayilingisa kwiHomecoming, uthe ungowesifazane othanda umsebenzi wakhe, futhi onesandla sensimbi emsebenzini ngenxa yokushisekela ukuthi izinto zenzeke ngendlela efanele nafisa ngayo zikhathi zonke.
“Nokho ngokuqhubeka komdlalo kuzovela ukuthi yini eyenza ukuthi abe nolaka nenzondo engaka emndenini wakwaHlongwane, okuyilapho abantu bezobona futhi baqonde khona uvuthondaba lwendawo engiyilingisayo, esithemba ukuthi kuzobajabulisa,” usho kanje.
Uthe ngale kokuba matasa kulo mdlalo abaqale ukuqopha kuwona ngoJuni nonyaka, usaqhubeka nale misebenzi ayenzayo emsakazweni okuyinto ayikhonze kakhulu ngoba uyawuthanda kakhulu umsakazo, futhi yiwona owenza waze wangena kule ndima.
Lo mlingisi waseHammarsdale entshonalanga yeTheku, amava akhe ayazikhulumela njengoba eselingise emidlaweni yethelevishini eminingi okukhona kuyona iSgudi Snaysi, Emzini Wezinsizwa, Ubambo Lwami, The Lion King, Ithemba Lokugcina, Gomra Hustle, Dick Sithole neDynamite Diepkloof Dudes.