UMAKADEBONA kwezokulingisa uDumisani Mbebe ukhala ngosaziwayo abehlulwa wumsebenzi wokulingisa
Image: UMAKADEBONA kwezokulingisa uDumisani Mbebe ukhala ngosaziwayo abehlulwa wumsebenzi wokulingisa
UMAKADEBONA kwezokulingisa uDumisani Mbebe usekhwele wadilika kosaziwayo abangaconsi phansi kubalandeli babo, akhala ngokuthi ukuqashwa kwabo ukuzolingisa emidlalweni ehlukene yethelevishini ezweni kuwumkhuba omubi, nobambezela ukuqhutshwa komsebenzi wabo wokulingisa wansuku zonke.
UDumisani (50) owazakhela udumo elingisa emdlalweni osuwaphela othi Inkaba nakwiGenerations, usho njalo exoxa noDavid Mashabela kwi-podcast yakhe yakwiYouTube ethi King David Studio, lapho ezwakalise khona ukukhathazeka kwakhe ngokwanda kwala bosaziwayo emidlalweni ehlukene yethelevishini, akubona kuwumkhuba omubi.
“Ngiyabona ukuthi uyanda impela lo mkhuba wokuqashwa kwabantu abangawazi umsebenzi ngoba nakhu benabalandeli abaningi ezinkundleni zokuxhumana, kangangokuthi kuye kwenzeke ukuthi ophrojusa bemidlalo bakubuze ukuthi unabalandeli abangaki ezinkundleni zokuxhumana andukuba unikwe indawo ethile ukuyilingisa, engibona kuyinto embi nokumele iphele ngoba ayiwusizi ngalutho umdlalo ukuya phambili,” usho kanje.
UMAKADEBONA kwezokulingisa uDumisani Mbebe ukhala ngosaziwayo abehlulwa wumsebenzi wokulingisa
Image: FACEBOOK/DUMISANI MBEBE
Eqhuba, uthe useke wasebenza nosaziwayo abanabalandeli abaningi phecelezi ama-influencer, obekuthi uma sekumele kuqalwe noma kuqhutshwe umsebenzi wosuku, kube nenkinga ngoba yilapho kucaca khona ukuthi abawazi nhlobo umsebenzi.
“Laba bantu benza ukuthi singakwazi ukusebenza kahle njengoba kuke kuthi uma sisebenza kucace ukuthi umuntu akazilungiselelanga ngokwanele nangokufanele, okwenza ukuthi umsebenzi ubambezeleke noma kuthathe isikhathi eside kakhulu andukuba uphethwe kube kungafanele ukuthi kube kanjalo. Konke lokho kuphazamisa umgqigqo womsebenzi wethu thina esisuke sizilungiselele ngokuphelele, kwenze sigidagide ndawonye - ngakho ngibona kuwubuwula obuphindiwe ukucabanga ukuthi laba bantu kukhona abasiza ngakho ukuyisa umdlalo phambili,” kusho uDumisani.
Uthe into eyenza ukuthi umdlalo ubukwe ngabantu abaningi wukuthi uxoxe indaba ehlabahlosile, futhi ube nabalingisi abakuqondayo okulindeleke kubona - hhayi ukugaba ngosaziwayo abanabalandeli abaningi ezinkundleni zokuxhumana ngoba lokho akusizi.
Lo mlingisi useneminyaka engaphezu kuka-20 eyibambile kwezokulingisa, kanti futhi uselingise emidlalweni eminingi esingabala kuyona iGood Men, Housekeepers, How To Ruin Love: The Proposal, Hush Money, In The Dock, Interrogation Room, Isidingo, Nkalakatha: The Life of Mandoza, Redemption, Rhythm City, Savage Beauty, Shooting Stars, The Estate, Unseen, Vutha, Diepe Waters ne-Between Friends.
UMAKADEBONA kwezokulingisa uDumisani Mbebe ukhala ngosaziwayo abehlulwa wumsebenzi wokulingisa
Image: UMAKADEBONA kwezokulingisa uDumisani Mbebe ukhala ngosaziwayo abehlulwa wumsebenzi wokulingisa