ULondie usabisa ngokubopha uMinnie uma kuphela usuku engaxolisile

Fanelesibonge Bengu|Published

U-MINNIE Ntuli obonakale ku-video ehlokoloza ngomunwe ebusweni uLondie London kwiReal Housewives of Durban

Image: X

Unqunyelwe ugwayi katiki ukuthi axolise esidlangalaleni kuLondie London ungakashayi u-5 ntambama ngoLwesithathu ngale kwalokho uzovulelwa icala uMinnie Ntuli osematheni 'ngobubhoklolo' abukhombise ohlelweni iReal Housewives of Durban.

ULondiwe "Londie London" Zulu uyalele ummeli uKatekani Lamula weLamula KB Attorneys ababhalele uMinnie nge-email incwadi yokufuna isixoliso.

Kuyona ummeli uthi uMinnie ungcolisa igama lekhasimende labo ohlelweni iReal Housewives of Durban.

Kulolu uhlelo uMinnie wathi uLondie usebenza elele ngomhlane abanye abakuhumusha ngokuthi ulala nabesilisa ukuze athole imali.

“Siphinde sayalelwa ukuthi ngesikhathi kudlala isiqephu sesibili sokubuyekeza isizini esadlala ngoJulayi 11 ngo-2025, ushaye ikhasimende lethu ngale kokuchukuluzwa futhi waqhubeka nokwenza njalo ngisho engaphindisile,” kusho incwadi yabammeli.

Iqhuba ithi ngalo futhi lolu suku iGagasi FM likhiphe isitatimende lithi uMinnie uxolisile kwabenabo ohlelweni. ULondie uyakuphika ukuthi uthole isixoliso ngaphambi kokuphuma kwalesi sitatimende.

Ummeli uqhuba uthi emuva kwesitatimende seGagasi, uMinnie ukhiphe esaakhe esingabhekisiwe ekhasimendeni lakhe.

"Isitatimende sicacile ukuthi sasikhishelwe ukuhlenga ubudlelwano bakho bokusebenza neGagasi FM. Isitatimende sikhishwe ngaphambi kokuthi uthumele iSMS ekhasimendeni lethu,”kusho ummeli.

Ummeli uqhube wathi ngoJulayi 12 uMinnie uthumele iSMS eyisixoliso kodwa kuyo ufaka iGagasi nokucacile ukuthi uyithumele ngoba ehlenga umsebenzi wakhe.

Ummeli uthe bafuna uMinnie aqophe i-video yokuxolisa ayinamele ezinkundleni zokuxhumana engakashayi u-5 ntambama namahlanje. Uma ehluleka ukwenza lokho bazofuna isinxephezelo baphinde bamvulele icala lokushaya emaphoyiseni.

NgoLwesihlanu ohlelweni lokubuyekeza isizini yeRHOD, kuvele okokuqala i-video lapho uMinnie noLondie bebekhuluma khona bobabili ngokungaboni kwabo ngaso linye.

UMinnie, ongumsakazi weGagasi FM, usole uLondie ngokungakhulumi kahle ngabazali bakhe. Kugcine kuphakama umoya kuye wasukuma wahlokoloza kabili ngomunwe uLondie ebusweni.

Ngaleso sikhathi uLondie ubezisongele izandla emamatheka elokhu embuza ukuthi wenzani.