ULondie London usazimisele ngokubuyela kwiReal Housewives of Durban

Fanelesibonge Bengu|Published

ULondie London osazimisele ngokuba yingxenye yeRHOD

Image: Instagram

UMCULI osematheni kulezi zinsuku kulandela ukuhlokolozwa kwakhe ngomunwe ebusweni nguMinnie Ntuli, uLondie London, uthi kuyaphoxa ukuthi lo msakazi uzama ukuxolisa ngasese ekubeni emhlambalaze emphakathini.

NgoLwesihlanu ohlelweni lokubuyekeza isizini yeRHOD, kuvele okokuqala i-video lapho uMinnie noLondie bebekhuluma khona bobabili ngokungaboni kwabo ngaso linye.

UMinnie, ongumsakazi weGagasi FM, usole uLondie ngokungakhulumi kahle ngabazali bakhe. Kugcine kuphakama umoya kuye wasukuma wahlokoloza kabili ngomunwe uLondie ebusweni.

Ngaleso sikhathi uLondie ubezisongele izandla emamatheka elokhu embuza ukuthi wenzani.

Ekhuluma nabeShowmax lapho lolu hlelo belusakazwa khona, uLondie uthe uMinnie uzamile ukuxolisa kuye ngasese. Lolu hlelo lube ngolubukwe kakhulu kulo nyaka. 

"Kuhlukile kunesitatimende asikhiphile. Kuyaphoxa ukuthi ngihlanjalazwe emphakathini kodwa angisitholi isixoliso esifanele esiqondiswe kimi emphakathini," kusho uLondie.

Uthe uyaziqhenya ngendlela aziphathe ngayo ngesikhathi kusuka isidumo phakathi kwakhe noMinnie.

"Angivumanga ukuthi ngilingeke, ngenze into engabuvezi ubumina. Ngiziphatha ngokucophelela ngoba ngiwumama, indodakazi nosomabhizinisi ngakho ukuzibamba ngisho kuphakama umoya kube wukunqoba kimi," kusho uLondie.

Uthe akanankinga ngokubuyela ngokugcwele kulolu hlelo. Kule sizini, obekungeyesihlanu, ubefike njengomngani njengoba yena wayeyingxenye yeyesibili.

"Ngiyakuthanda ukuba yingxenye yohlelo. Akukho mayelana namakhamera kodwa kumayelana nobudlelwano bangempela esengibakhile nabanye besifazane. Kunomlando nothando lwangempela laphaya futhi ngivulelekile ukuthi ngiqhubeke nalokho," kuchaza yena.

Uthe isizini yalo nyaka imfundise ukuthi unamandla kangakanani.

UMinnie ucele ukuhlaba ikhefu emsakazweni indawo yakhe yabanjwa wuNkulee Mbatha. Abangeneme "ngobubhoklolo" bakhe baqale i-petition yokuthi kumele akhishwe bese ethathelwa izinyathelo. Izolo le petition ibisisayinwe ngabantu abangaphezu kuka-55 000.