SeZiphelele izikhulu zoKhozi kuqashwa uNdokweni

Fanelesibonge Bengu|Published

UZiphelele Ndokweni oqashwe njengeMarketing Manager entsha yoKhozi FM

Image: Sithunyelwe

LIPHELELISIWE ithimba labaphathi bomsakazo Ukhozi FM emuva kokuthi isiteshi siqashe isikhulu sezokukhangisa esike saba kwiGagasi FM eminyakeni edlule.

UKhozi luqashe uZiphelele "Zippy" Ndokweni njengeMarketing Manager evala isikhala esavuleka uLwazi Mthabela eqashelwa kwesokuphatha isiteshi ngoMeyi.

ULwazi wathatha isikhundla esashiywa wuSbongi Ngcobo owasula emsakazweni ngasekupheleni konyaka odlule.

ULwazi uthe bajabule ngokuba noZippy emndenini wabo.

"Ukuqashwa kwakhe kuyingxenye ebaluleke kakhulu eqhingeni lethu lokwakha ithimba lobuholi elibheke ikusasa futhi elinamandla okuholela isiteshi esigabeni esilandelayo sokudlondlobala," kusho uLwazi.

Uthe uZippy unamava kulo mkhakha namaqhinga azokhathula indima ebalulekile ekuqiniseni ubudlelwano nabalaleli, ukunyusa amathuba okwenza imali nomthelela isiteshi esinawo emphakathini.

"Njengoba siqhubeka nokushintsha, ubuholi bakhe buzosiza ukuthi isiteshi sikhule ngendlela emoyeni nasemphakathini esiwusakazelayo," kusho uLwazi.

UZippy, onamava eminyaka engaphezulu kuka-18 kwezokusakazao nokumaketha, uke wasebenza emisakazweni ehlukene okubalwa kuyo i-East Coast Radio neGagasi FM.

Ngokujoyina kwakhe kusho ukuthi liphelele ithimba labaphathi nokuyinto ejabulise abanye abasebenzi besiteshi.

Kuwona lo nyaka kuqashwe umphathi wezinhlelo omusha uLango Cele ongene esikhaleni esashiywa wuPearl Maseko-Binqose nyakenye.

Kuphinde kube no-Amanda Khanyile oyiProduct Manager omele ukudayisa uKhozi kubakhangisi.