Uthanda ungathandi uThulasizwe ungubhuti emsakazweni

Fanelesibonge Bengu|Published

UTHULASIZWE Simelane owethula uhlelo iThe Morning Brief ekuseni phakathi nesonto kwiSAfm Isithombe: X

Image: X

KUNABASAKAZI othi uma ubalalele uvele uzwe ukuthi into akhuluma ngayo akayazi, uyayisho nje ngoba ubhalelwe wumdidiyeli wohlelo lwakhe ukuthi kumele ayidingide.

Abanye uyabezwa ukuthi abakushoyo bakufunda phansi, abakhulumi ngoba bekuqonda.

Labo ngeke baze balunge ezinhlelweni ezifana neThe Morning Brief eyenziwa nguThulasizwe Simelane kwiSAfm.

Lolu hlelo lungena ngo-6 kuya ku-9 ekuseni phakathi nesonto.

Empeleni bekumele ngingamgaguli nje ngegama kodwa bekufanele ngithi ubhuti uThulasizwe.

Phela uThulasizwe yirazo kwezokusaka, ngokolimi lwentsha.

Amava akhe eminyaka elinganiselwa ku-20 emkhakheni wezindaba uyawezwa uma ethula lolu hlelo olunothe ngokuningi.

Uma ungumuntu ofuna ukwazi ukuthi kwenzakalani ezweni sakhile, alukho olunye uhlelo engicabanga ukuthi kumele uvuke ngalo ngaphandle kwalolu.

Alufuni umuntu obhayizayo, ozolwethula ngoba etshelwe wumdidiyeli wakhe ukuthi kumele athini. Kumele kube ngumuntu owuthandayo umkhakha wezindaba futhi ofundayo ukuthi kwenzakalani ukuze ezophakela abalaleli ungqambothi.

UThulasizwe ungulowo muntu ngoba okuningi uyakwazi ngisho nokwangaphandle kwezwe njengoba eke wachitha iminyaka esakaza kwamanye amazwe ase-Afrika.

Engikuthanda kakhulu ngalolu hlelo wukuthi lubeka phambili umlaleli.

Banikwa ithuba lokuthi baveze noma ngabe yisiphi isihloko abafisa ukuphawula ngaso, akukhona ukuthi abadidiyeli noThulasizwe babafunza ababacabangela sona.

Noma ngabe kukhona indaba ekweqile osukwini uzofike uyithole lapha.

Nendlela akhuluma ngayo nezimenywa nabalaleli bakhe inesizotha kodwa ekugcineni izimpendulo uzozithola.

Phela kukhona abasakazi abacabanga ukuthi ukuze umuntu aphendule kumele kube ngathi uphakamisa izwi futhi umxine eduze ngemibuzo kuze kube ngathi uqula icala enkantolo.

Konke lapha kwenziwa ngenhlonipho. Noma umlaleli ofonile kukhona okuzomphazamisa njengokungena kwezindaba, uThulasizwe uyakwazi ukucela ukuthi abuye amthinte yena ukuze ezobeka iphuzu lakhe.

Irazo yenza umsebenzi omuhle kulolu hlelo!