UMSAKAZI weGagasi FM uMinnie Ntuli uyabuyela emoyeni ngoMsombuluko
Image: Facebook
UYABUYELA emoyeni ngoMsombuluko umsakazi weGagasi FM, uMinnie Ntuli, owahlaba ikhefu kulandela “ububhoklolo” abenza kuLondie London ohlelweni iReal Housewives of Durban maphakathi nenyanga edlule.
UMinnie wethula uhlelo iThe Uprising noFelix Hlophe njalo ngo-6 kuya ku-9 ekuseni phakathi nesonto.
Kusuka engekho emoyeni kulamasonto amahlanu edlule, indawo yakhe ibibanjwe uNkulee Mbatha.
Esitatimendeni ngoMgqibelo ntambama iGagasi liveze ukuthi ubenikwe isikhathi sokuthi ayothola usizo longoti lokukwazi ukuzilawula.
“Ngalesi sikhathi isiteshi besiphose iso endleleni aqhuba ngayo. Isiteshi sesithole ubufakazi bodokotela bokuthi usekulungele ukubuyela emsebenzini. Ngasohlangothini lwezomthetho, isiteshi sithole ngabammeli bakaNtuli ukuthi azikho izinyathelo zomthetho athathelwa zona,” kusho iGagasi.
UMinnie uthe uyabonga ngokuthi ubuyela emoyeni.
“Kuwo wonke umuntu engamphoxa ngokuziphatha kwami ohlelweni lwethelevishini, ngiyaxolisa futhi. Kozakwethu kwiReal Housewives of Durban, ngiyaxolisa ngezenzo zami,” kusho uMinnie.
Ubonge kuwo wonke umuntu omesekele ngesikhathi asichaze ngokuthi besinzima empilweni yakhe.
"Ngithanda nokubonga abaphathi beGagasi FM ngokuningika elinye ithuba. Ngifundile emaphutheni ami, ngibuya nokuphokophelela ukuba wumuntu ongcono futhi ngiyathembisa ukwenza kangcono."
Esiqeshini esasusa umsindo, uMinnie noLondie babekhuluma bobabili ngokungaboni kwabo ngaso linye.
UMinnie wasola uLondie ngokungakhulumi kahle ngabazali bakhe. Kwagcina kuphakama umoya kuye wasukuma wahlokoloza kabili ngomunwe uLondie ebusweni.
Ngaleso sikhathi uLondie wayesonge izandla emamatheka elokhu embuza ukuthi wenzani.
Emuva kwezinsukwana abammeli bakaLondie babhalela uMinnie bethi akaxolise esidlangalaleni ngale kwalokho bazofuna isinxephezelo baphinde bamvulele icala lokushaya emaphoyiseni.
Related Topics: