Siyanda esabasayina incwadi yokungenami ngoMinnie

Fanelesibonge Bengu|Published

UMSAKAZI weGagasi FM osahlabe ikhefu uMinnie Ntuli

Image: Facebook

PHEZU kokuba umsakazi weGagasi FM uMinnie Ntuli esehlabe ikhefu emsebenzini kodwa siya ngokwanda isibalo sabasayina uhlu (petition) lokuthi kumele akhishwe emsakazweni nakwithelevishini ngenxa "yokuba yibhoklolo" kuLondie London ohlelweni iReal Housewives of Durban (RHOD).

NgoLwesihlanu ohlelweni lokubuyekeza isizini yeRHOD, kuvele okokuqala i-video lapho uMinnie noLondie bebekhuluma khona bobabili ngokungaboni kwabo ngaso linye.

UMinnie usole uLondie ngokungakhulumi kahle ngabazali bakhe. Kugcine kuphakama umoya kuye wasukuma wahlokoloza kabili ngomunwe uLondie ebusweni. Ngaleso sikhathi uLondie ubezisongele izandla emamatheka elokhu embuza ukuthi wenzani.

UMinnie ube esegcizelela ukuthi uLondie usebenza elele ngomhlane nokungenye yezinto ezashiya abantu bemgxeka.

Kusukela kuvele lokhu, abantu bakhombise ukungenami ngokuziphatha kwakhe. UMinnie, ongena noFelix Hlophe ohlelweni lwasekuseni phakathi nesonto, ngoMgqibelo ukhiphe isitatimende waveza ukuthi ucele ukuhlaba ikhefu.

“Lesi sigaba singenze ngabona umphumela wokuziphatha kabi. Ngiphoxe umndeni wami, abangani, engisebenza nabo, okubalulekile abalaleli abathembekile abavula uhlelo lwami zonke izinsuku,” kusho uMinnie.

Njengamanje indawo yakhe emsakazweni ibanjwe wuNkulee Mbatha kuze kuphele isonto.

Ngempelasonto i-petition ibisayinwe abantu abalinganiselwa ku-10 000 kodwa izolo emini bese bengaphezu kuka-54 950.

“Thina njengabantu baseNingizimu Afrika sifuna uMinnie Ntuli akhishwe emsakazweni nakwithelevishini ngenxa yezinsolo zobubhoklolo ezibheke kuLondie London. Le petition akuyona eyokuhlasela umuntu kodwa ngeyokuthi abantu abasemehleweni omphakathi bachaze ngezenzo zabo,” kusho umbhalo ohamba nale petition eku-change.org.

Yize kunabasayina le petition kodwa kunabangafuni ukuthi uMinnie akhonjwe indlela emsebenzini.

Okhulumela iGagasi FM, uKhulekani Shandu, uthe uzwile ngale petition.

“Ayikadluliselwa kithina ngokusemthethweni, angiyazi ukuthi ikuphi. Kunzima ukuphawula entweni enjalo,” kusho uKhulekani.

Uthe abakagudluki esitatimendeni abasishicilele ngoLwesihlanu.

IGagasi likhiphe isitatimende lithi lishaqekile futhi liphoxekile ngelikubone kwenziwa wumsakazi walo.

“Yize iReal Housewives of Durban izimele futhi ingahlangene neGagasi FM, siyazi ukuthi ukuziphatha kukaMinnie ohlelweni kunomthelela egameni lethu nasemphakathini esiwusebenzelayo,” kusho iGagasi.

Lithe njengesiteshi alihambisani nobubhoklolo nokungahloniphi.

“Sithanda ukuqinisekisa abalaleli bethu, amakhasimende nesibambisene nabo ukuthi lolu daba siluthathela phezulu ngendlela efanele. Sicela nehlise umoya futhi nibekezele njengoba kuqhubeka lokhu ngethemba lokuthola isisombululo esinokuthula,” kusho iGagasi.