Kwenziwe izinguquko ezinhlelweni ezimqoka kwiVuma FM

Fanelesibonge Bengu|Published

UBONGANI Mtolo (kwesokudla) nethimba lakhe lohlelo lwasekuseni phakathi nesonto kwiVuma FM

Image: Sithunyelwe

UMSAKAZI weVuma FM uBongani Mtolo, osefakwe ohlelweni lwasekuseni phakathi nesonto uthe wukushaya kwakhe into ecokeme osekwenze abaphathi bamfaka ngalesi sikhathi.

UBongani ofike kwiVuma ngo-Agasti ngonyaka odlule, uthathe indawo kaMzokoloko Gumede ngo-6 kuya ku-9 ekuseni.

Empeleni yena noMzoloko baphambene njengoba esengena ntambama ngo-3 phakathi nesonto.

Bobabili bahambe namathimba abo njengoba uBongani esakaza noSli Langa kuthi umdidiyeli kube wuMellissa Ngcobo noKhanyisani. Kusale uGabriel Sithole owenza ezemidlalo.

Ntambama uMzokoloko ungena noNombuso Mkhwanazi noBig Mike. Abadidiyeli wuLucky Sefatsa noLucky Cele

“Awuphelanga nonyaka kodwa umehluko engifike nawo uyezwakala. Ngale kokuzikhukhumeza kodwa uhlelo lwami lumnandi, ngiyazi. Luyafundisa, lumnandi, lunothe ngolwazi futhi awazi ukuthi yini ongayilindela. Yize sishiyile ohlelweni lwantambama kodwa ngiyazi ukuthi sizoqokwa kumaRadio Awards noma ngizowina. Ngiyafunga kungakenzeki ukuthi ngizoqokwa ngohlelo noma njengomsakazi ohamba phambili. Nakulolu lwasekuseni esengikulo sizoqokwa,” kusho uBongani.

UMzokoloko noNombuso Mkhwanazi

Image: sithunyelwe

Lo msakazi usenqobe izindondo kusuka esasakaza kwi-East Coast Radio nakwiRadio 2000, lapho ayesakaza khona uhlelo lwasekuseni.

Uthe ekuseni beza nokuhlukile nezingosi ezintsha.

“Uhlelo lwasekuseni ngilubona lulula kimi ngoba ngiwumuntu osheshayo ukuvuka. Kushaya u-3.30 ekuseni, sengiphapheme. Ngiyasithanda isivinini esihambisana nohlelo lwasekuseni. Manje siza nezingosi ezintsha njengezokutholela abantu umsebenzi nokunye,” kuchaza uBongani.

UMzokoloko yena ngakolunye uhlangothi uthe lokhu kuzomnika ithuba lokwenza okwehlukile.

“Ngicabanga ukuthi kule minyaka engu-27 izinhlelo eziningi engizenzile ngezasekuseni. Nginenhlanhla yokuthi angikaze ngiphume ezinhlelweni ezihamba phambili emsakazweni. Ngizizwa ngibusisekile ngokuthi ngisakwazi ukwenza lokho emuva kweminyaka engu-27 kusuka ngaqala ngo-1997,” kusho uMzokoloko.

Uthe lesi yisiqalo esisha esizomnika nethuba lokwenza okuningi ekhaya ekuseni njengokuhambisa izingane zakhe esikoleni.

“Ohlelweni kuzoba mnandi lujabulise. Ungalindela amancoko njengento engaziwa ngayo ngakho lokho kuzohlale kukhona. Sizophinde sibheke ukuthi yini ebikade yenzeka osukwini senzela umuntu obevaleleke ehhovisi ukuze ezwe ukuthi hhawu kwenzeke ukuthi. Ngeke sizishiye izinto esibhekana nazo nsukuzonke. Izingxoxo ezinohlonze zizohlale ziyingxenye yohlelo nemidlalo enhlobonhlobo yokwenza abantu bajabule baxukuzise nomqondo wabo ntambama bakhohlwe yingcindezi yasemsebenzini.”