Kuphonselwe inselelo Ukhozi ngokuqasha abanye 'abanjengoSelby'

Fanelesibonge Bengu|Published

U-SELBEYONCE Mkhize uyaqala namuhla ntambama kwiGagasi FM asebuyele kulo

Image: Sithunyelwe

ISISHOSHOVU sabathandana nobulili obufanayo nabaphila ngendlela ehlukile kunazalwa beyiyo, situse amagalelo kaSelbeyonce Mkhize kuKhozi FM futhi saphonsela inselelo lesi siteshi ukuba siqashe nabanye abafana njengaye.

USelby uvalelise ngesonto eledlule oKhozini emuva kokuchitha iminyaka engu-12 khona. Namhlanje uyaqala kwiGagasi FM lapho ejoyina khona uSphectacula noNaves ohlelweni lwango-3 kuya ku-6 phakathi nesonto.

UYaya Mavundla uqale ngokubonga Ukhozi ngokunika ithuba uSelby lokubonakalisa ithalente lakhe ngale kokumahlulela.

UYaya uzakhele udumo nakwezikaqedisizungu ngohlelo lwakuMzansi Magic, oluveza impilo yakhe nabanye abathathu i-Becoming.

UYaya Mavundla

Image: Instagram

“Ukwazile nokushintsha impilo yabantu abaningi ngendlela abacabanga ngayo ngoba abanye abakafuni ukwamukela ukuthi umuntu unelungelo lokukhetha impilo ayifunayo. Zikhona nezingane ezincane ezifisa ukuphumela obala ngobulili bazo kodwa uma zicabanga ukucwaswa, ziyesaba. Ngokubona uSelby ekwenza lokho futhi ekwenza ezingeni eliphezulu, zithola isibindi,” kusho uYaya.

Uthe usemazi uSelby iminyaka futhi nangesikhathi esagibela itekisi wayezwa abantu bekhuluma izinto ezinhle ngaye ngaphandle lokumcwasa.

“Basekhona abadelelayo bezitshela ukuthi bangcono kanti abakwenzayo ukugqugquzela inzondo nokungahlonishwa kwabanye abantu. Umuntu kumele ahlonishwe ngazikhethela khona. Ngihlale ngithi abantu bayithatha kancane le nto kuze kuba yenzakala kumuntu oseduze kwakhe bese eyafunda ukuthi umuntu uphathwa kahle.”

Uthe uphatheke kabi ngokushiya kukaSelby, wathi unethemba lokuthi Ukhozi luzokwazi ukuthola omunye ozomelela isizwe esibizwa ngeLGBTQIA+.

“Kwakhona ukuthi ubeyedwa akukuhle neze kube ngathi bagcina icala. Abavulele abantu abanethalente ngoba bakhona siphila nabo emphakathini. Ukhozi njengomsakazeli womphakathi kumele likwazi ukumela wonke umuntu elimsakazelayo. Sengingasho uKhozi kuphela kodwa kuzo zonke izindawo, akuqashwe umuntu ofanelekile kungasatshwa ukuthi abantu bazothini.”

Uphethe ngokuthi abantu abayeke ukucwasa abanjengaye futhi babahloniphe njengawo wonke umuntu.

“Kudalwa yini ukuthi uze ucikeke ngokuthi omunye umuntu uphila impilo engafani neyakho? Akaphili eyakho. Asibe nobuntu. Ngeke sifane singabantu,” kusho u-Yaya.