Luyancomeka uzinzo emisakazweni eminingi

Fanelesibonge Bengu|Published

UZISTO oshiye iGagasi FM wayokwethula uhlelo lwasekuseni ngezimpelasonto kwi-East Coast Radio

Image: Facebook

SEKUPHELE izinyanga ezimbili kwenziwe "izinguquko" emisakazweni, okuyinto eba njalo sekuqaleni kuka-Ephreli, waminyaka yonke.

Ngithi "izinguquko" ngoba kuncane okwenzekile cishe kuyona yonke imisakazo ethathwa njengemikhulu.

Emoyeni azikho izinguquko ezitheni ongazibala uthi zenzekile, ikakhulukazi ezinhlelweni ezingena ngo-6 ekuseni kuya ku-6 ntambama phakathi nesonto.

Ushintsho engilikhumbulayo nje, wukuhamba kukaZisto Mhlongo kwiGagasi FM, lapho ayengena khona ohlelweni lwantambama phakathi nesonto, wawelela komakhelwane, i-East Coast Radio.

KuKhozi FM khona kube wukushintshwa kwabadidiyeli ohlelweni lwasekuseni, olwasemini nasebusuku phakathi nesonto.

Lapho kodwa engibheke khona nale ndaba wukuthi njengoba kungenziwanga zinguquko nje, kukhombisa ukuba nozinzo emisakazweni eminingi.

Lokho kuyakwazi ukwenza ukuthi abasakazi nabadidiyeli bakwazi ukwakhela kokuhle abese bekuqalile ngonyaka odlule.

Bekungani pho ingabuyekezwa eyezinkontileka zonyaka owodwa kodwa banikwe izinkontileka zeminyaka emithathu okungenani?

Sesiside isikhathi ikhulunywa le ndaba yezinkontileka zonyaka owodwa ukuthi umuntu akakwazi ukuzihlelela kahle ikusasa ngoba engazi ukuthi uzobuyela ngonyaka ozayo noma cha.

Ngale kokucabangela nekusasa lomsakazi, nesiteshi singazihlelela kahle elaso sikwazi ukukhulisa uhlelo ngendlela.

Uma umsakazi enenkontileka yeminyaka emithathu lapho uyazi ukuthi uzinzile, akukho siteshi esizoqhamuka simthathe singakhulumanga ngaleso sikhathi, njengoba kwenzeka nasebholeni.

Uma kuwukuthi iziteshi zisaba ukubanjwa yinkontilleka yesikhathi eside, mhlawumbe okungenani kungaba nombandela wokuthi isiteshi siyakwazi ukuyinqamula leyo nkontileka uma umsakazi ehlulekile ukufeza akuthembisile.

Noma kungaba yinkontileka nesiteshi kodwa isiteshi sibe nelungelo lokumsusa umsakazi ayiswe kolunye uhlelo uma kunesidingo.

Ngiyabancoma nabaphathi ngokwenza kube nozinzo ezinhlelweni ngoba kokunye indaba yokuhlale kushintshwa njalo ibuye ibe yinkinga. Ngeke futhi wenelise wonke umlaleli ngoba ilowo nalowo unokwakhe okuhlukile akufunayo uma elalele umsakazo.