'Kuqashwe' umphathi omusha woKhozi FM

Fanelesibonge Bengu|Published

ULWAZI Mthabela oseqashwe njengomphathi omusha woKhozi FM

Image: Facebook

SESIVALIWE isikhala somphathi woKhozi esivuleke ngasekupheleni konyaka odlule, ngesikhathi kushiya uSbongi Ngcobo.

Yize iSABC ingakasenzi isimemezelo kodwa Isolezwe selingakuqinisekisa ukuthi uLwazi Mthabela, nguye osengumphathi omusha webhizinisi, okuyindlela okubizwa ngayo uhlobo lomsebenzi kwaSABC.

ULwazi akathuki isisinga kulesi sikhundla kwazise ubeke abanjiswe sona phambilini uma uSbongi engekho.

Ubeqashwe kuKhozi njengomphathi wezokukhangisa njengoba esekhuphukele esikhundleni esiphezulu.

Ukuqashwa kwakhe kuqinisekiswe wuSiphelele Sixaso ongumphathi wemisakazo eSABC, ngokusho komthombo oseSABC.

Kuthiwa uthumelele abasebenzi i-email ebazisa ngokuqashwa kukaLwazi, osethatha isikhundla ebesibanjiswe uBusani Mthembu kusuka kuhambe uSbongi.

Imizamo yokuthola iSABC kayiphumelelanga njengoba abengamele ezokuxhumana bengayiphendulanga i-email abathunyelelwe yona ngoLwesithathu emini.

Akucaci ukuthi ubani osezovala isikhala sakhe ophikweni lwezokukhangisa.

Esinye isikhala esikhona kuKhozi ngesomphathi wezinhlelo esavuleka kuhamba uPearl Maseko-Binqose ngonyaka odlule. Njengamanje sibanjiswe uMandla Mdletshe.

Ngokwekhasi lakhe kwiLinkedin, uLwazi uphothule u-matric ngo-2001. Uneziqu zeBusiness Administration and Management azithola eDurban University of Technology (DUT) nezinye izitifiketi.

Uke wasebenza kwi-Avusa Media, Lexis Nexis, South African Breweries, nakwiGagasi FM. KuKhozi ufike ngo-2021.