UDJ Zeal woKhozi FM ozohambela izindawo ezihlukahlukene ekhombisa abantu indondo yakhe
Image: SITHUNYELWE
OMUNYE wabasakazi asebezakhele udumo kwezokusakaza uzoba nochungechunge lwemicimbi yokubujabulela ukunqoba kohlelo alusakazayo kwiSouth African Dance Music.
Loyo nguDJ Zeal Dladla uhlelo lwakhe iFakumoya olunqobe indondo yeBest Dance Radio Show. Lo msakazi uveze ukuthi uzohambela izindawo ezihlukene nendondo ayikhombise abalandeli bakhe abathanda uKhozi FM.
Uveze ukuthi lolu chungechunge ulwethe elokuthi yiDJ Zeal Award Tour. "Ngifisa ukuhambela izindawo ezihlukene ukuze ngikhombise abalandeli bami ukuthi nginqobile. Ngibone kumqoka kakhulu ukuthi lokhu sikwenze," usho kanjena. Uveze ukuthi lolu hambo luzoqala endaweni edayisa ukudla eseClairwood iTshuza ephethwe nguyena.
Uthe ngemuva kwalokho izodlulela eLanga Res, eMarleys Shisanyama, eZwelethu Butchery, e-Empire, eNHL Chillaz, eBackstage Shisanyama nakwezinye izindawo ezahlukene."Kumqoka ukuthi sisondele ebantwini ngoba yibona kanye esibasakazelayo.
Yingakho ngibone kungcono ukuthi ngiqale lolu chungechunge ngemuva kokuba nginqobe le ndondo ebalulekile kakhulu kimina," kuchaza yena. Uthe kumhlabe umxhwele kakhulu ukunqoba kohlelo lwakhe wathi lokhu kuveza ngokusobala ukuthi kukhona okuhle ngalo. "Ngijabule kakhulu ngokunqoba kohlelo engilusakazayo.
Lokhu kwenze ngabona ukuthi bakhona abantu abakuqaphelayo uma uqhubeka wenza umsebenzi omuhle," kusho yena. Uthe ukusakaza kuyena kuyinto esegazini futhi azifelayo ngayo. Uthe ufuna ukulubona luqhubeka lukhula uhlelo lwakhe.
Ebuzwa yintatheli ukuthi angakuthakasela yini ukusakaza uhlelo lwasemini uqale wangena ezintangena wagcina ephendula ngokuthi unesipiliyoni esanele kwezokusakaza alukho uhlelo angahlulwa wukulusakaza ngenxa yokuthi usehambe ibanga elide lakhulu kule ndima. "Angifiki manje emsakazweni yingakho kukuningi esengikufundile ngokusakaza," usho kanjena.
Ubonge abaphathi boKhozi ngokumeseka nokusebenzisana okuhle athe kukhona phakathi kwabasakazi balo msakazo ochazwa njengoyisikhondlakhondla ezwenikazi i-Afrika nasemhlabeni nje jikelele. Uthe uyathemba ukuthi ukunqoba kwakhe le ndondo kuza nezinto ezinhle empilweni yakhe.