Ezokungcebeleka

Kuzogqanyiswa imisebenzi yobuciko emisha kwiMbewu Festival

Simangaliso Ntshangase|Published

UNKSZ Fezeka Shandu weMagentaPro, ongumqondisi womcimbi wezobuciko Imbewu Arts Festival, okhuza ibuya ihlandla lika-10 nonyaka

Image: SITHUNYELWE

KUBHEKWE ukuthi kugqanyiswe futhi kunikwe ithuba imisebenzi yobuciko emisha futhi engakaze ikhonjiswe ndawo emcimbini wakulo nyaka wokugqamisa ikhono lezobuciko obugxile kakhulu kwezokulingisa - Imbewu Arts Festival ezokwenziwa ihlandla lika-10 nonyaka.

Lokho kudalulwe wumqondisi walo mcimbi uNksz Fezeka Shandu wenkampani yezobuciko iMagentaPro, lapho eqinisekise khona ukuthi owanonyaka uzoba ngoNovemba 25 kuya kuDisemba 14 eKCAP - KwaMashu, eKZN Music House - eThekwini naseCourtyard Theare, engaphakathi esikhungweni semfundo ephakeme iDurban University of Technology.

UFezeka uthe okuhle kakhulu ngomcimbi wabo  wukuthi kuzobe kungokokuqala benika ithuba imidlalo emisha futhi engakaze ikhonjiswe ndawo phambilini ukuze ithole ithuba lokuvela futhi ibonwe ngabantu abazobe bethamele lo mbuthano.

AMAZWIBELA okuzokwenzeka emdlalweni weshashalazi othi Sullied ozokhonjiswa kwi-Imbewu Arts Festival

Image: SITHUNYELWE

"Iwu-12 isiyonke imidlalo ezokhonjiswa kwi-festival yethu, emihlanu yayo okuzobe kungokokuqala ngqa ikhonjiswa ebantwini, kanti futhi siqikelelile nokuthi emidlalweni esiyihlunge emingenelweni esithunyelelwe yona - sandisa enemiyalezo emqoka ezovula abantu amehlo ngezimo ezahlukene ezithinta cishe wonke umuntu neziveza ubunjalo bezimo ezibhekana nabantu emphakathini esiphila kuwona," kusho uFezeka.

Eqhuba, uthe bahlale beshisekela ukuthi lo mcimbi uqhubeke uvukuze futhi uqhakambise ikhono lamaciko azokhula azakhele igama - njengoba benzile eminyakeni edlule benika ithuba abalingisi asebedumile manje okubalwa kubona uMenzi Mkhwane wemidlalo yeshashalazi, Thobani Nzuza wodumo lweHostela noWanda Blaq Zuma ozakhele igama elingisa indawo kaNkosi Zwide emdlalweni wakwi-e.tv othi House of Zwide.

UMLINGISI u-Anele Nene, womdlalo weshashalazi othi Hymns of A Sparrow, okwezokhonjiswa bukhoma emcimbini Imbewu Arts Festival yanonyaka

Image: SITHUNYELWE

"Konke lokho kuyakhombisa futhi kufakazela ukuthi izinhlelo ezinjena ziba wusizo kangakanani emphakathini nasendimeni yezobuciko, esikholwa nesithemba ukuthi sizoqhubeka sithole amandla okuyiifukula futhi siveze ikhono elisha labalingisi abasebasha nabaseyizitshudeni abazokhula benze izinto ezinhle endimeni," usho kanje.

Ubonge kakhulu uhlaka lukahulumeni iNational Arts Council, ngokuthwala ingxenye yezindleko zomcimbi wabo wanonyaka, wathi lokho kuyabakhuthaza ngoba nakuba kubuye kube nzima ukuthi bahlele lo mcimbi - kepha bakhuthalela ukuwenza njalo uma kuba khona usizo abalutholayo.