Ezokungcebeleka

Ubuyele emsebenzini uDJ owalimala engozini eyadlula nomngani

Fanelesibonge Bengu|Published

UDJ Chymamusique owalimala engozini yemoto ngo-Agasti usebuyele emsebenzini

Image: Instagram

UBUYELE emsebenzini uDJ Chymamusique owalimala kanzima engozini yemoto okwafa kuyo umngani wakhe uDJ Poizen eLimpopo ekupheleni kuka-Agasti.

UChymamusique noPoizen babebuya emcimbini wokwethula ama-albhamu abo ngesikhathi behlelwa yingozi.

UChyma wakhipha i-albhamu yakhe iMusique Collaborated Vol 1 kwathi uPoizen wadedela iNgiphe enengoma kaMalusi Mbokazi ethi Udondolo ayenza kabusha.

Ingozi yenzeka kuthelawayeka u-N1 lapho kwashayisana khona izimoto ezimbili kwafa abahlanu kwalimala ababili.

Ngempelasonto uChyma ubonakale okokuqala enandisa eThe Balcony Shisa & Chill eGoli lapho ebeshiyelana khona inkundla nengwazi uVinny Da Vinci.

Lo DJ owalimala emilenzeni yomibili ubedlala ehleli phansi njengoba engakapholi kahle.

"Ngomusa kaNkulunkulu ngiye emcimbini wami wokuqala ohlelwe emuva kokuzalwa kwami kabusha. Ngiyabonga ngothando, ukungeseka nesihlalo sokuthi ngilokhu ngihlala. Bengigajwe wumunyu kodwa yinto ebengiyidinga futhi ngiyakholwa wukuthi umfowethu (uPoizen) uyaziqhenya eZulwini ukungibona ngilwela ukubuyela entweni eselaphayo okuwumculo. Ngiyabonga ngemithandazo siyaqhubeka nohambo lokululama," kusho uChymamusique kwi-Instagram.

UChymamusique akagcini ngokuba wuphrojusa noDJ kodwa uphinde abe ngunjiniyela wemisindo.

Ngo-2022, waqoqa izindondo ezintathu kumaSouth African Music Awards emunxeni weMale Artist of the Year, Album of the Year neBest Dance Album nge-albhamu yakhe iMusique.

Yayigabe ngezingoma okubalwa kuzo iPraise Him, Belong nezinye.