IBHEKWE ngabomvu indumezulu kaMaskandi eSun City
Image: SITHUNYELWE
ISUN City yaziwa kakhulu njengendawo eyamukela izivakashi ezifuna ukungcebeleka eholidini kanye nokusingatha amakhonsathi ahlukene. Lesi sikhondlakhondla sendawo esePilansburg, esifundazweni iNorth West sinochungechunge lwemicimbi phakathi kukaMeyi no-Agasti ukuqinisekisa ukuthi izivakashi nabathandi bobumnandi abawezwa nhlobo amakhaza.
Izinhlelo zabo zihlanganisa ubumnandi obubhekelela izivakashi ezibhukhe iholidi, kanye nabathandi bobumnandi abaphethe amathikithi emicimbi ehlukene okubalwa kuwo amakhonsathi abhekelela zonke izinhlobo zomculo, okuhlanganisa i-jazz, owokholo i-R&B, i-rock yesibhunu kanye nomaskandi.
Izinhlelo zakulo nyaka zenzelwe ukuthokozisa abantu abathanda izinto ezahlukene ngesithembiso esisodwa nje vo, ayikho impelasonto engenabo ubumnandi bayo futhi. Impelasonto yokugcina kaMeyi igoqwa wubusuku bokubuka ifilimu eGreenhouse ngoMgqibelo, Meyi 31. UJuni uqukethe ubumnandi obuhambisana noSuku Lobaba. Ngaleyo mpelasonto, uBucy Radebe ubuyela eSun City ukuqopha i-albhamu yakhe yakamuva bukhoma;
Umcimbi obhekwe ngabomvu eSun City, yilo ohlanganisa iziteshi zemisakazo ye-SABC oqhakambisa izilimi ezahlukene zakuleli ngomculo kamaskandi, iHip Hop ne Afro Soul.
IZiyakhala Mo Sun City wumcimbi obhekwe ngabomvu obophele abaculi abafana noMthandeni Sk & Sjava, Ringo Madlingozi, King Monada, Cassper Nyovest nenkakha yomculo wesiNdebele uNothembi Mkhwebane.
Abaculi bakhethwe ngobuhlakani babo bokuqhakambisa izilimi zesintu njengoba umcimbi ngokwawo uqhakambisa ubuhle bamasiko ahlukene akuleli.
Kwabathanda umculo opholile, bangaqala balungiselele isihlabani saphesheya uKenny Lattimore, oza kuleli ngekhonsathi yakhe ezokuba ngoSuku lweMbokodo, lapho ezoqhulula khona amanoni akhe athandwa kakhulu athi, For You I Will,” “If You Could See You,” “You Don’t Have To Cry,” namanye.
KUNINGI ongakwenza nabangani bakho uma nibhukhe amathikithi amakhonsathi eSun City
Image: sithunyelwe
IPALACE of the Lost City okuyihhotela eliphakathi eSun City
Image: SITHUNTELWE
IVALLEY Of The Waves ithathwa njengebhishi elincane onganGcebeleka kulo ngesikhathi useholidini
Image: Sithunyelwe