Ezemidlalo Ibhola

Kwengezwe amathikithi empi kaNabi noCardoso

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMQEQESHI weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi ozobonakala ebhentshini okokuqala ngemuva kwemidlalo embalwa.

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

KUNOMUZWA wokuthi umdlalo wanamuhla weBetway Premiership ophakathi kwezinkunzi zePremier Soccer League (PSL) iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns unomvuzo ongaphezulu kwamaphuzu amathathu. 

NgoLwesithathu ekuseni iChiefs imemezele ukuthi asedayiswe aphela amathikithi angu-60 000 abekalelwe ukufakwa endalini.

Ngokusho kukaVina Maphosa weChiefs, sebengeze ngamanye angu-15 000 alo mdlalo ozoqala ngo-7.30 ebusuku e-FNB Stadium, eNasrec.

IChiefs engayazi induku kule sizini nebalwa namaqembu asefomini kusukela iqalile izokwamukela iSundowns eholwa uMiguel Cardoso oseqala ukunuka iqaqa kwabanye abalandeli beSundowns.

Nakuba lo mdlalo ungowamaphuzu amathathu kodwa kuningi okuxhumeke kuwona okwenza kube sengathi unomvuzo omkhulu kunemiye. 

IChiefs igila izimanga kusukela kuqale sizini nje, uNabi ubengekho useTunisia lapho ebeyobhekana khona nesimo esichazwe njengebesibucayi ebesithinta unkosikazi wakhe.

UMIGUEL Cardoso oseqala ukunuka iqaqa kwezinye zezingxenye zabalandeli beMamelodi Sundowns ayinhloko yabaqeqeshi kuyona.

Image: ITUMELENG ENGLISH

Bakhona abakhuluma eyokuthi ukubuya kukaNabi kungase kuphazamise umgqigqo waMakhosi kodwa okucaca ngalokhu wukuthi kushiwo ngabalandeli bamaqembu ayizimbangi zeChiefs emakhasini abo ezinkundla zokuxhumana.

Kuhlukile kuCardoso ngoba yena ugxekwa ngabalandeli beqembu lakhe okufakazelwa wukuphuma kwakhe esekakwe ngamaphoyisa ngemuva kokukhishwa yi-Orlando Pirates kowandulela owamanqamu weMTN8 ngeledlule.

Kusukela kuqale isizini, iSundowns kayenzi ngendlela ebhekwe kuyona uma uzokhumbula ukuthi ibophele lonke ubisi lwabadlali ongalucabanga.

Kuneqeqebana labalandeli beSundowns abathi akaxoshwe uCardoso ngoba ubuyisela leli qembu emuva.

Nakuba ziziningi izinongo kulo mdlalo kodwa umqeqeshi ozophikwa wumphumela kuwona angase athwale kanzima ngenxa yolaka lwabalandeli.