NAKUBA isitobha se-Orlando Pirates u-Olisa Ndah sizidla siphindelela izicoco naleli qembu kodwa nebhadi lokulimala lilokhu lisilandele njalo
Image: BACKPAGEPIX
ITHUBA lokuqukula inkomishi yesihlanu eminyakeni emine esikulona isitobha saseNigeria esiyibamba kwi-Orlando Pirates, u-Olisa Ndah, liwubufakazi bokuthi bakhona ngempela abantu abazalwa bembethe.
IPirates esiyidle amahlandla amathathu kulandelana iMTN8, imelwe wukuqhuba umlando kodwa iStellenbosch FC, eguqe kowamanqamu nyakenye, inowayo umbono ngendawo okufanele ibe yikhaya elisha lenkomishi yeWafa Wafa.
Umdlalo wamanqamu uzodlalwa namuhla ngo-6 ntambama, eMbombela Stadium, eNelspruit.
Muva nje umqeqeshi wePirates, u-Abdeslam Ouaddou, utshele abezindaba ukuthi akusensuku zatshwala uNdah abonakale enkundleni kwazise useziqeqesha ngokugcwele.
U-Ouaddou akakaze alithole ithuba lokusebenzisa uNdah kwazise ngasekupheleni konyaka odlule lesi sitobha siphinde sathinteka endaweni esasiphuke kuyona ngoSepthemba.
Inkulumo ka-Ouaddou ikhomba ukuthi uNdah, owagcina ukubonakala enkundleni nyakenye, angase abe yingxenye yeqembu njengoba eseluleme.
Kwacaca uNdah efika ngo-Agasti ka-2021 ukuthi uzoqhakaza kwiPirates ngendlela ayedlala ngayo. Lokhu kufakazelwa wukuthi kule sizini usesibalweni sokaputeni baleli qembu. KwiPirates usewine i-MTN8 kathathu neNedbank Cup.
Ukuhlushwa wukulimala kwaziveza ngokushesha nakho okuyikhona futhi okunomthelela ekutheni kumasizini amane usayidlalele amahlandla angu-55 iPirates kwiligi.
Sishayisa ngamahloni lesi sibalo esincane semidlalo kaNdah kwazise kwiMamelodi Sundowns kujwayelekile ukuthi umdlali ngamunye agijime engu-50 noma ngaphezulu ngesizini uma kuhlanganiswa yonke imiqhudelwano.
Imidlalo yeligi eminingi kunayo yonke uNdah wayidlala ngesizini yakhe yokuqala lapho abonakala khona enkundleni kwengu-21.
Ngeyesibili, ukulimala kwaqala kwamhlasela wazithola esiza iPirates ngokuba senkundleni amahlandla angu-13 kweyeligi ngo-2022/2023.
Lo mdlali obeseqala nokubizwa naseqenjini lesizwe laseNigeria, udlale engu-19 kwiligi ngo-2023/2024, waphinde walimala.
Ngesizini edlule uNdah ubonakale kwemibili kuphela ngenxa yakho ukulimala. Kusobala ukuthi uNdah unenhlanhla yokudalwa ngoba ngisho ikhulunywa eyabadlali okufanele badedelwe yiPirates kodwa aliveli nangengozi igama lakhe.
Kunalokhu, kuvamise ukugqama kokukhathazeka kwabaxhumene naleli qembu ngokuthi ubuya nini ekulimaleni.
Kunezikhathi lapho lalilikhulu isasasa ngokuthi uNdah uyabuya kodwa kuze kwaba yisonto eledlule lapho u-Ouaddou ekhulume khona ngamathuba alokho.
Nakuba kusobala ukuthi uNdah uyilolu hlobo okuthiwa lwazalwa lwembethe kodwa kuzokuba lukhuni ukuthi ahlwithe isikimu ngoba ngaphandle kukaMbekezeli Mbokazi noLebone Seema okungesabo isikimu okwamanje, kusekhona uNkosinathi Sibisi, Thapelo Xoki noThabiso Sesane ngaphambi kwakhe.