UCardoso uvikele uWilliams ngephutha koweSiwelele

Xolile Mpisane|Published

UNOZINTI weMamelodi Sundowns neBafana bafana uRonwen Williams ojwayele ukulihlikihla ngonyawo ibhola.

Image: BACKPAGEPIX

UBONA singekho nesidingo sokuthi agxekwe unozinti wakhe uRonwen Williams ngephutha eliholele ekutheni iqembu lingenelwe yigoli emdlalweni weBetway Premiership neSiwelele FC umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso.

UWilliams uzame ukujika ebhokisini, bamphuca ibhola, nokuholele ekutheni iSiwelele ihambe phambili ngegoli elibekwe enethini nguVincent Pule. 

AmaBrazilian agcine ethole iphuzu kulo mdlalo ngemuva kokuthi uLebogang Mothiba ewatholele igoli lokulinganisa esiwombeni sesibili.

“Asikho nesidingo sokuphawula ngalokhu. Sikhuluma ngonozinti ohambe phambili e-Afrika ngonyaka odlule futhi obalwe nonozinti abahamba phambili emhlabeni. Kule sizini ubengomunye wabathathu abavelele e-Afrika,” kusho uCardoso ngesikhathi ebuzwa ngephutha likaWilliams.

“Useneminyaka eminingi engunozinti weqembu lesizwe. Akadingi ukugxekwa, udinga nje ukuhlonishwa futhi yilokho engimnika kona.” 

Njengoba sekuqala ikhefu le-Africa Cup of Nations, iSundowns izongena kulona yazi ukuthi kukhona okuhambe kahle esigamini sokuqala sesizini ka-2025/26 nokungahambanga ngendlela ebeyihlele ngayo.

Leli qembu liphunyukwe yizicoco ezimbili zomkhumulajezi, iMTN8 neCarling Knockout.

Lihlezi endaweni yesibili kwi-log yeBetway Premiership ngamaphuzu angu-26 emidlalweni engu-13. Liqhwakele kuGroup C kwiCaf Champions League ngamaphuzu amane emidlalweni emibili.

UCardoso uthe badinga ukuphumula kancane emasontweni azayo bese behlelela imidlalo enzima abasazoyidlala uma sekubuywa ekhefini.

“Into esisizayo ukubheka umdlalo nomdlalo njengoba sidlala emiqhudelwaneni ehlukene. Leli yiqembu elijwayele ukubhekana nalesi simo. Abadlali nabaqeqeshi bayakwazi okufanele kwenziwe,” uqhube kanje lo mqeqeshi.

“Impilo iphilwa usuku nosuku ngoba kungasa kusasa sonke sifile. Nasebholeni kuyafana ngoba ngeke sazi ukuthi kuzokwenzekani. Esikwenzayo nje ukulungiselela umdlalo olandelayo, sibheke ukuthi ngobani abesesimweni esihle sokudlala.

“Sizothatha ikhefu manje, abadlali bazoya amaqenjini esizwe bese thina esisele sihlangana ekuqaleni kukaJanwuari ukuze silungiselele isigamu sesibili sesizini."