UMkhalele ubona beseqoqweni elingelula kweyoMhlaba

Xolile Mpisane|Published

IPHINI lomqeqeshi weBafana Bafana, uHelman Mkhalele, likwamukele ukwazi amaqembu abozobhekana nawo kweyamaqoqo eNdebeni yoMhlaba.

Image: BACKPAGEPIX

IPHINI lomqeqeshi weBafana Bafana, uHelman Mkhalele, lithi iqembu lesizwe liyayijabulela inselelo elizobhekana nayo eNdebeni yoMhlaba ngonyaka ozayo njengoba seliwazi namaqembu elizovula nawo. 

Ngesikhathi kuqhathwa amaqembu emcimbini obuseWashington DC, e-United States, ngoLwesihlanu ebusuku, iBafana ifakwe kuGroup A lapho izodudulana khona  nosokhaya iMexico, iKorea Republic kanye neqembu lase-Europe elizonqoba kweyokuhlunga phakathi kweDenmark, North Macedonia, Czechia kanye neRepublic of Ireland. 

Sekuqinisekisiwe ukuthi iBafana izovula lo mqhudelwano  neMexico emdlalweni ozoba yimpinda yokwenzeka ngesikhathi iNdebe yoMhlaba ibanjelwe kuleli ngo-2010. 

Ngalolo suku umdlalo waphela zibambene ngo 1-1 eFNB Stadium, eGoli. 

"Ngesikhathi ngibona ukuthi sizovula umqhudelwano neMexico ngivele ngamangala ngoba sonke siyakwazi okwenzeka ngo-2010. Umehluko wukuthi sizobe singasadlaleli ekhaya. Bazobe bedlala phambi kwabalandeli babo, okusho ukuthi kuzodingeka siyilungele inselelo esizobhekana nayo enkundleni nangaphandle kwayo," kusho uMkhalele. 

UMkhalele uphinde wagqamisa ubungozi  beKorea Republic,  esijwayele ukudlala kulo mqhudelwano, kqnye neqembu elizoqhamuka kweyokuhlunga. 

" IKorea iyiqembu elinamava okudlala eNdebeni yoMhlaba. Kuzoba nzima ukubhekana nayo. Asijwayele ukubuka imidlalo yayo njengamaqembu ase-Europe kodwa sesizoyihlaziya kabanzi njengoba sesazi ukuthi sizobhekana nayo," kusho uMkhalele owadlala eNdebeni yoMhlaba yango-1998.

”Iqembu lokugcina kuleli qoqo lizophuma emqhudelwaneni oqinile wase-Europe okukhona kuwona iDenmark, esadlala nayo ngokulingana ngo-1998. 

"Alikho iqembu elilula kulawa esiqhathwe nawo. Sizozama ukuqoqa amaphuzu kuyona yonke imidlalo. Alikho iqembu ongazitshela ukuthi kufanele ubheke iphuzu kuphela kulona. 

 “Ngokwazi umqondo womqeqeshi (uHugo Broos) kanye nomqondo esinawo njengeqembu, ngicabanga ukuthi sizolwela amaphuzu aphelele kuyona yomithathu imidlalo. "

Izinsuku nezikhathi kuzodlalwa ngazo kanye nezinkundla okuzodlalelwa kuzona kuzomenyezelwa ngoMgqibelo ebusuku.