UNOZINTI weMarumo Gallants uWashington Arubi ovimbela neqembu lesizwe laseZimbabwe
Image: BAACKPAGEPIX
UNOZINTI weqembu lesizwe laseZimbabwe, uWashington Arubi osemabhukwini eMarumo Gallants, uhlela ukusebenzisa umdlalo wamanqamu weCarling Knockout ne-Orlando Pirates njengethuluzi lokuzwa amanzi ngobhoko ngaphambi kokuthi babhekane neBafana Bafana koka-Group B we-Africa Cup of Nations (Afcon).
U-Arubi obukeka esemgqeni wokungena emlandweni we-Afcon njengoba eseneminyaka engu-40 ubudala, ubekhuluma nabezindaba ngomdlalo wamanqamu weFak' Ugesi abazowudlala nePirates ngoMgqibelo ngo-6 ntamabama, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
U-Arubi uzongena emlandweni wokuba ngumdlali wesine odlale kwi-Afcon eseneminyaka engu-40 noma ngaphezulu. Uzolandela ezinyathelweni zika u-Essam El Hadary wase-Egypt (43), Mohammed Lawal waseNigeria (42) no-Elias Domingues Pelembe waseMozambique (40).
Nakuba engalibeki ngembaba kodwa enkulumweni ka-Arubi kucacile ukuthi ubona abazobhekana nakho kwiPirates kufana nokufanele bakulindele kwiBafana kwazise eZimnyama yizona ezinabadlali abaningi (abayisishiyagalolunye) esikwatini sikaHugo Broos azoya naso eMorocco emasontweni amathathu azayo. IBafana izobhekana neZimbabwe ngoDisemba 29 emdlalweni wokugcina wamaqoqo.
“Kungenza ngiziwe ngihloniphekile ukuthi ngoMgqibelo ngiyodlala owamanqamu wami wesithathu naleli qembu kodwa kuzokwehla kahle kakhulu uma kuzoba yithina ompetha,” kusho u-Arubi.
“Ukubhekana nePirates kuyafana nokudlala neBafana, ngakho-ke lonke ulwazi okufanele ngiluncele ngizokwenzenjalo ngenhloso yokulungela i-Afcon.
“Leli qembu laseSoweto lithathwa njengelinye lamakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika, ngakho-ke yilona vele elilindelwe ukuba linqobe.
“Kuhle lokhu ngoba kusinika ithuba elikahle lokudlala ngokukhululeka. Siyayihlonipha iPirates kodwa lokhu akusho ukuthi sizoyinika kalula isicoco.
“Indlela esidlale ngayo endleleni yethu ebheke kowamanqamu namagama amaqembu esiwaguqisile, kufanele kusinike ukuzethemba ngokuthi singanqoba ngisho ngabe sibhekene nobani.
“Umdlalo wamanqamu muhle ngokuthi umvuzo utholwa yilaba abasuke bezikhandle ngaphezu kwabanye. Asikho isimo esingasihlelele kangangokuthi ngisho umdlalo ungaya kumaphenathi sizolokhu silungile."
Lo nozinti ushaye into ecokeme endleleni ebheke kowamanqamu weCarling ngesikhathi ikhipha iMamelodi Sundowns neLamontville Golden Arrows ngokwahlukana.
Related Topics: