Kuphelile ukuqagela ngeleBafana eliya kwi-Afcon

Xolile Mpisane|Published

UKHETHE iningi lezethenjwa abevele ezisebenzisa kulo nyaka eqenjini azoya nalo kwi-Afcon eMorocco umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos.

Image: BACKPAGEPIX

UKHETHE iningi labadlali abasabenzisile emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba neyobungani kulo nyaka ngesikhathi ememezela isikwati sabadlali abangu-25 esizomela uMzansi kwi-Africa Cup of Nations umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos.

IBafana izoqala lo mqhudelwano ozobanjelwa eMorocco kusukela ngoDisamba 21 kuGroup B lapho iqhathwe khona ne-Angola, Zimbabwe ne-Egypt.

Ezintini uBroos uqoke onozinti abevele ehamba nabo endleleni ebheke kwi-Afcon, okunguRonwen Williams, Sipho Chaine noRicardo Goss.

Kwabebengalindilekile emuva, upike umdlali osemncane uTylon Smith kanye nodlala ngakwesokudla, uThabang Matuludi, abazobanga ijezi noKhuliso Mudau, Nkosinathi Sibisi, Aubrey Modiba, Khulumani Ndamane, Siyabonga Ngezana, Samukelo noMbekezeli Mbokazi.

Akukho okumangazile ngabazoyibamba enkabeni yesisu kwazise kuqokwe osekunesikhathi eside beshintshisana ngezindawo, uTeboho Mokena, Bathusi Aubaas, Thalente Mbatha noSiphephelo Sithole.

Lo mqeqeshi waseBelgium uphinde waqhamuka nokuhlukile kubadlali abazohlasela ezinhlangothini namaphakathi kwenkundla, kanjalo nabazogadla phambili.

Kubona ufake nomdlali osemncane odlala eBelgium, uShandre Campbell, kanye no-Elias Mokwana obolekiswe kwi-Al Hazem yaseSaudi Arabia oseke wahlala isikhathi engabonakali eqenjini lesizwe.

Ayibanga khona indawo kaThemba Zwane ohlushwe wukulimala kule sizini, kanjalo nozakwabo kwiMamelodi Sundowns, u-Iqraam Rayners, naye oke wahlala engadlali ngenxa yokulimala.

Abanye abakhethiwe okuzobe kubhekwe ukuthi bakhande baphinde bashaye amagoli ngu-Oswin Appollis, Mohau Nkota, Tshepang Moremi,Sipho Mbule, Relebohile Mofokeng, Lyle Foster no-Evidence Makgopa.

URayners, Mduduzi Shabalala noThabo Moloisane bafakwe ohlwini lwabadlali abazosala kuleli kodwa abangabizwa uma kwenzeka kuba khona abalimalayo.