UPetersen akanavalo ngokubhekana neZamalek

Xolile Mpisane|Published

UNOZINTI weKaizer Chiefs uBrandon Petersen ubona beyilungele inselelo yokubhekana neZamalek yase-Egypt kwiCaf Confederation Cup

Image: BACKPAGEPIX

UNOZINTI weKaizer Chiefs, uBrandon Petersen, uthi Amakhosi akulungele ukulwela amaphuzu awo okuqala esigabeni samaqoqo eCaf Confederation Cup uma esebhekene nezinkunzi zase-Egypt, iZamalek namuhla. 

Lo mdlalo uzodlalelwa ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngo-3 ntambama.

IChiefs idinga ukuvuka kulandela ukusivula ngebatha isigaba samaqoqo e-Egypt, iguqiswa yi-Al Masry ngo 2-1. 

UPetersen uthe nakuba bazi ukuthi ngeke kube lula ukubhekana nelinye lamaqembu ase-Egypt anomlando ojulile, kumqoka ukuthi bathathe amaphuzu ekhaya. 

"Kusobala ukuthi siwubheke ngabomvu umdlalo. Siyazi ukuthi mkhulu kangakanani. Asizange siyiqale kahle iConfed Cup, kodwa sibheke ukuvuka sizithathe. Sizobe sidlalela ekhaya futhi abalandeli bethu bazosiqinisa. Sifunde izifundo emdlalweni obuse-Egypt ngakho-ke abafana sebemi ngomumo," kusho uPetersen.

“Akulula ukudlala ekuhambeni ngoba iqembu lasekhaya liwasebenzisa wonke amaqhinga ukuze umdlalo ube nzima kinina. Ngikholwa wukuthi besinganqoba e-Egypt kodwa sekufanele sibheke lo mdlalo ozayo neZamalek." 

UPetersen uqhube wathi ngisho iZamalek ingasabalwa namaqembu ashisayo kulezi zinsuku kodwa kufanele bazimisele uma befuna ukuwunqoba lo mdlalo, bangazishiyeli umsebenzi omkhulu emidlalweni yokugcina yamaqoqo.

"Siyazi ukuthi iZamalek iyiqembu elisezingeni eliphezulu kakhulu, elinamandla futhi eligijimayo njengamanye amaqembu ase-Egypt. Silindele impi. Uma singanamathela endleleni yethu yokudlala, senze esikwaziyo ukuthi singakwenza, sizoba nosuku oluhle.

"Kubaluleke kakhulu ukuthola amaphuzu amathathu ekhaya. Kumqoka ukuqoqa amaphuzu kusenesikhathi ukuze ungazitholi usushaya izibalo emidlalweni ezayo. Bonke abafana bayazi ukuthi kubaluleke kangakanani ukuthi siwunqobe lo mdlalo.”

Elinye iqembu laseNingizimu Afrika elidlala kwiConfederation Cup, iStellenbosch FC, lizobhekana nelaseTanzania, iSingida Black Stars, e-Amaan Stadium, eZanzibar, kusasa ngo-6 ntambama.

IStellies ithole amaphuzu amathathu emdlalweni wayo wokuvula iguqisa i-AS Otoho yaseCongo ngo 1-0.