IPirates iqhwakele ngeCity kwiBetway

Xolile Mpisane|Published

ABADLALI be-Orlando Pirates bejabulela elinye lamagoli abanqobe ngawo iDurban City emdlalweni weBetway Premiership.

Image: BACKPAGEPIX

I-Orlando Pirates izibeke esicongweni seBetway Premiership iguqisa iDurban City ngo 2-0 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ntambama.

Amagoli anike Ezimnyama amaphuzu aphelele avalelwe phakathi ngu-Evidence Makgopa noPatrick Maswanganyi ngokwehlukana kweziwombe.

EzikaMagebhula zifike kulo mdlalo zibambene ngamaphuzu neMamelodi Sundowns, kodwa sezihamba phambili ngamaphuzu amathathu njengoba seziqoqe angu-28 emidlalweni engu-12.

ISundowns yona inamaphuzu angu-25 emidlalweni elinganayo.

Igoli lokuqala lingene ngomzuzu ka-22 ngesikhathi uRelebohile Mofokeng egqashula kwesokunxele, waligobela uMakgopa, olibeke phakathi eseduze eselahlekile unozinti kweCity uDarren Keet.

IPirates ihambe phambili nje bese kunesikhathi iCity iwathola amathuba kodwa ihluleke uma isifike ebhokisini.

Umqeqeshi wePirates u-Abdeslam Ouaddou wenze ushintsho ekuqaleni kwesiwombe sesibili, efaka uMakhehleni Makhaula endaweni kaMasindi Nemtaja, futhi lokho kulisizile iqembu lakhe lamelana namandla abesetshenziswa yiCity enkabeni yenkundla.

Umdlalo uke wama isikhathi eside kulandela ukulimala kukaJoslin Kamatuka, oshaywe yibhola ebusweni, kwadingeka ukuthi athathwe yi-ambulensi.

Kuthe usanda ukuqhubeka uMaswanganyi washayela iPirates igoli lesibili esebhokisini ngomzuzu ka-76 ngemuva kokuthola iphasi ebiqhamuka ku-Oswin Appollis, ongene esiwombeni sesibili.