Umgadli weChiefs uvuma eyokubukela kwisilomo sePirates

Mthokozisi Mncuseni|Published

URELEBOHILE Mofokeng we-Orlando Pirates oyisibonelo kuNaledi Hlongwane weKaizer Chiefs kwiDDC

Image: BACKPAGEPIX

ISILOMO somgadli weKaizer Chiefs kwiDStv Diski Challenge (DDC), uNaledi Hlongwane, senze okungajwayelekile ngesikhathi siphumela obala ngokuthi okuningi sikubukela kumakhelwane waso, uRelebohile Mofokeng, odlalela i-Orlando Pirates.

UHlongwane (20) ukuveze lokhu emcimbini weChiefs nabezindaba wokuvalelisa iqembu leDDC elise-England lapho liyodlala khona emqhudelwaneni iPremier League Next Generation.

Kulo mqhudelwano iChiefs izobhekana neManchester United, Leeds United ne-Queen’s Park Rangers (QPR).

Nakuba uMofokeng eseyikluma ebholeni elikhokhelayo laseNingizimu Afrika kodwa usephenduke omunye wababizwa kuqala uma kusethwa isikimu sePirates.

Ngaphandle kweBucs, lo mdlali uthathe neso lomqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos okufakazelwa wukubalwa kwakhe esikwatini ekuzoqokwa kusona esizoya kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngenyanga ezayo eMorocco.

Ngokusho kukaHlongwane kwabezindaba eNaturena, yena noMofokeng bakhulele elokishini elilodwa (eSharpville, eVereeniging) nokuthi badlale isikhathi eside beyizimbangi ngesikhathi besafunda amabanga aphansi.

“Ukudlondlobala kukaRele (Mofokeng) kusukela ekhushulelwe esikimini esikhulu sePirates yikhona okungikhuthazayo ukuba ngiqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla,” kusho uHlongwane.

“Sikhule siyizimbangi kwazise besifunda ezikoleni ezingafani obekwenza sibhekane enkundleni. Nginomqondo wokuthi uma ekwazi ukumelana nalesi sigaba kusobala ukuthi nami ngeke singihlule.

“Kuliqiniso nokuthi izindlela zabantu kazifani kodwa ukumbona esephenduke isithenjwa kwiPirates kuyangikhuthaza ukuthi nami angikho kude kangako."

Lo mgadli obehambe nesikimu esikhulu seChiefs ekhempini ebiseNetherlands ngaphambi kokuqala kwesizini, ufisa ukuphinda akwenze e-Europe eshaya igoli bebhekene nePEC Zwolle.

“Namanje kangikakhohlwa ukuthi ngashayela iChiefs igoli idlala phesheya kwezilwandle. Ngiya kwiNext Generation ngeqholo nokuzethemba ukuthi nginawo amava okushaya amagoli ngisho ngabe ngidlala kusiphi isigaba.

“Leli yithuba elihle lokuthi sizikhombise singabadlali ukuthi sesikulungele ukusiza iChiefs kwiBetway Premiership kodwa futhi uma kuvela ithuba lamadlelo aluhlaza kangicabanga ukuthi kukhona ongakhala ngokuthi iChiefs ime endleleni yakhe,” kusho uHlongwane.