Kutuswe oweSundowns ngokuvuka emaqandeni koweCaf

Mthokozisi Mncuseni|Published

UNUNO Santos noMiguel Reisinho abanconywe nguSibusiso Vilakazi bejabulela igoli noMarcelo Allende ngesikhathi behlula iLupopo eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngempelasonto edlule

Image: BACKPAGEPIX

UNYAWO oluhle okuqale ngalo iMamelodi Sundowns kusukela emidlalweni yokuhlungela eyamaqoqo kwiCaf Champions League kufanele lukhuphule ithemba kubalandeli baleli qembu laseChloorkop ngoba lokhu kuvamise ukulandelwa yibanga elide kulo mqhudelwano.

Lawa ngamazwi kaSibusiso “Vila” Vilakazi owawina izicoco zeligi ezinhlanu neSundowns, iMTN8 nesisodwa seCaf Super Cup.

UVilakazi ubekhuluma kwiqophamlando laleli qembu muva nje kulandela ukunqoba kwalo ngo 3-1 umdlalo wokuvula u-Group C weChampions League kwiSaint Eloi Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo (DRC).

ISundowns ibuyela enkundleni ngoLwesihlanu lapho izovakashela khona i-MC Alger yase-Algeria ngo-9 ebusuku e-Ali La Pointe Stadium, e-Algiers.

Isinongo esisobala salo mdlalo wukuthi iSundowns izobe ibhekene noRulani Mokwena owadla nayo inqwaba yezicoco ngaphambi kokuyishiya ngonyaka odlule.

Ngesizini edlule, iSundowns igcine iphelele kowamanqamu weChampions League lapho igotshwe khona yiPyramids FC yase-Egypt. 

Nakuba kunengxenye yabalandeli beSundowns esakhomba umqeqeshi, uMiguel Cardoso, ngokuyeka ithuba ngesizini edlule kodwa uVilakazi ulushayela ihlombe unyawo lomqeqeshi wasePortugal aqale ngalo kulokhu.

“Kumasizini adlule siqale kahle kodwa hhayi njengomlilo wequbula njengoba senzile kusukela kweyokuhlunga njengoba sesiqale eyamaqoqo,” kusho uVilakazi.

“Okuningi kulele endleleni umqeqeshi asidlalisa ngayo kule sizini ikakhulukazi ezimpondweni. Kukhona okuhle akwengezile uCardoso kule sizini yingakho iSundowns ikhombisa izimpawu zokufudumala zisuka.

“Ngokomlando iSundowns ivamise ukulihamba lonke ibanga emqhudelwaneni uma iwuqale ngale ndlela esiwuqale ngayo kusukeka sinenebula iRemo Stars kuza kwiLupopo.

“Kunzima nokuziba umlingo ofike noReisinho (Miguel) noNuno (Santos) maphakathi nenkundla ngoba wengeza ubungozi kuModiba (Aubrey) noKhuliso (Mudau) ezimpondweni.

“ISundowns inomlando wokuya ngokufudumala ngokuhamba komqhudelwano kodwa kulokhu kunoshintsho olusobala olukhombisa ukuthi umqeqeshi ufundile emaphutheni akhe angesizini edlule."