ABADLALI beHollywoodbets Dolphins ngesikhathi bebhekene neTitans ngempelasonto
Image: BACKPAGEPIX
UKUSONGA isigaba samaqoqo se-CSA T20 Challenge ngegiya eliphezulu kusho ukuthi iHollywoodbets Dolphins izongena emidlalweni yomkhumulajezi nomgqigqo omuhle.
Leli qembu elizinze eThekwini linqobe iMomentum Multiply Titans ekuhambeni ngamawikhethi ayisikhombisa ngoLwesihlanu, laqumba phansi iDP World Lions ngamawikhethi amabili eHollywoodbets Kingsmead ngeSonto.
Beliyidinga le miphumela kulandela ukunqotshwa kwemibili ilandelana ekuhambeni liguqiswa yiGoldrush Boland neWSB Western Province.
Emidlalweni emithathu yokuvula lishaye iMothee Ram Tuskers, North West Dragons, neDafabet Warriors.
Ukunqoba emibili yokugcina yamaqoqo kuqinsekise ukuthi iDolphins iyangena esigabeni somkhumulajezi ngokuqeda endaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu angu-22 emidlalweni eyisikhombisa.
Izodlala owomkhumulajezi neqembu eliqede endaweni yesine ngamaphuzu angu-18, iWestern Province, lapho izobe ibheke ukuziphindiselela khona.
Lo mdlalo uzoqala ngo-6 ntambama eKingsmead, eThekwini.
Iqembu elizonqoba lizodlala owandulela owamanqamu nelizohlulwa komunye wokuhlunga phakathi kweGoldrush Boland, eqede phezulu kwi-log nelilale isibili iDafabet Warriors.
La maqembu azotholana phezulu eBoland Park, ePaarl, namuhla ngo-6 ntambama.
Umdlalo owandulela owamanqamu uzodlalelwa enkundleni engakadalulwa ngoLwesihlanu. Owamanqamu uzoba ngeSonto.
Related Topics: