ABADLALI be-Orlando Pirates u-Oswin Appollis, Tshepang Moremi noCemran Dansin kwababhekwe ukuthi basize iqembu liqhubeke nomgqigqo omuhle kwiBetway Premiership.
Image: BACKPGAPEIX
UMDLALO wangoLwesibili weBetway Premiership phakathi kwe-Orlando Pirates neChippa United uzokhombisa ukuthi ikhefu lakamuva leFifa lizoba namuphi umthelela emgqigqweni we-Orlando Pirates okuyiwe kulona ihamba kahle kwiligi.
Ngemuva kokuyivula ngebatha imidlalo yeligi ka-2025/26 iqunjwa phansi yiSekhukhune United kanye neMarumo Gallants, iPirates ikwazile ukuvuka yaqoqa inqwaba yamaphuzu emidlalweni eyisishiyagalombili elandelile.
Kuleyo midlalo inqobe eyisikhombisa, yadlala ngokulingana kowodwa.
Ithathe amaphuzu aphelele kwiStellenbosch FC, Orbit College, Chippa United, Siwelele FC, TS Galaxy, Polokwane City nakwiLamontville Golden Arrows.
Umdlalo ephume kuwona nephuzu ngewudlale nompetha iMamelodi Sundowns eLoftus Versfeld Stadium owaphela zibambene ngo 1-1 ekuqaleni kwenyanga.
Le miphumela emihle ibeke eZimnyama endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-22 emidlalweni engu-10.
Zisele ngamaphuzu amathathu kumaBrazilian asaqhwakele ngamaphuzu angu-25 kodwa aphambili ngemidlalo emibili.
Njengoba iSundowns imatasa neCaf Champions League, umdlalo wangoLwesibili neChilli Boys uyithuba elihle lePirates lokufica leli qembu lasePitoli.
Ngaphandle kwefomu enhle kwiligi, amaBhakabhaka enze kahle nasemiqhudelwaneni yomkhumulajezi yakuleli. Aseyiphakamisile indebe yeMTN8 kanti azophinde adlale kowamanqamu weCarling Knockout neMarumo Gallants ngenyanga ezayo.
Ingozi agqemeke yona kule sizini kube wukukhishwa kweyokuhlungela iCaf Champions League, enqotshwa yiqembu laseDemocratic Republic of Congo, iSaint-Eloi Lupopo.
Umdlali wasemuva wePirates, uBandile Shandu, uthe okusiza iqembu ukuthi libhekane nengcindezi yokulwela izindebe ezahlukene wukubambisana kanye nendlela elesekwa ngayo.
“Ukwesekwa esikuthola kubaqeqeshi, abaphathi beqembu nabalandeli bethu kusenza sizithobe. Siyazazi izifiso zethu, siyakuqonda esifuna ukukufeza. Kumnandi ukuthola uthando kubalandeli futhi kwenza umehluko omkhulu ekusigcineni sindawonye futhi sijabule,” kusho uShandu.
"Njengoba bonke laba bantu beseseka, kulula ukugxila ekwenzeni kahle emidlalweni. Senza kahle njengeqembu. Njengoba ngingakadlali imidlalo eminingi kubalulekile ukuthi ngibeke iqembu phambili, ngiqhubeke nokweseka abadlalayo kuze kufike isikhathi sami sokudlala."
Ngesikhathi iPirates ivakashele iChippa eGqeberha ngo-Agasti, yanqoba ngo 3-0 wamagoli kaPatrick Maswanganyi, Deon Hotto noTshepang Moremi.
Imidlalo yeBetway Premiership
Namuhla: AmaZulu FC v Siwelele FC (Moses Mabhida Stadium, 3.30pm); Marumo Gallants v Sekhukhune United (Dr Molemela Stadium, 6pm)
Kusasa: TS Galaxy v Lamontville Golden Arrows (Mbombela Stadium, 3.30pm); Richards Bay FC v Durban City (Umhlathuze Sports Complex, 6pm)
NgoLwesibili: Orlando Pirates v Chippa United (Orlando Stadium, 7.30pm)
Related Topics: